Kuqokwe imeya entsha eGoli

Lungani Zungu

UJolidee Matongo uyiMeya entsha yaseGoli ngemuva kokukhethwa kwakhe ngaphandle kokuphikiswa ngoLwesibili.

Lokhu kumenza ukuthi aphathe idolobha elicebe kakhulu e-Afrika kanye nesabelomali salo sezigidi ezingama-R65.

UMatongo, ongumholi we-ANC wesikhathi eside, uqokwe yi-ANC ngemuva kokwenza inqubo yenhlolokhono.

Ubeyilungu lekomidi lemeya phambilini elibhekele ezezimali.

Enkulumweni yakhe yokuqala uMatongo uthe uzogxila ekwenzeni isiqiniseko sokuthi abantu abacishe babe yizigidi eziyisithupha abangabahlali baseGoli banezinsizakalo eziyisisekelo.

“Sizosebenza kanzima ngokuphindwe kabili ukuqinisekisa ukuthi uma kunepayipi eliqhumile, sililungisa kungakapheli amahora angama-24. Kungokufanayo nangemigodi esedolobheni lethu”.

Umkhandlu wahlakazwa ngemuva kokushona kowayeyiMeya uGeoff Makhubo ngasekuqaleni kwenyanga edlule ngenxa yezinkinga ezihlobene ne-Covid-19.

USomlomo woMkhandlu uNonceba Molwele umemezele ukuthi uMatongo ukhethwe ngaphandle kokuphikiswa kulesi sikhundla esinamandla.

UMatongo uthole ukwesekwa kozakwabo bomfelandawonye be-ANC kuleli dolobha, i-African Independent Congress, i-Al Jama-ah, i-Congress of the People, i-United Democratic Movement, iNkatha Freedom Party kanye ne-Patriotic Alliance.

“Ngibonga wonke amakhansela angama-269, engicabanga ukuthi okokuqala ngqa emlandweni wedolobha lami, ngazwi linye anqume ukuthi ngeke sibheke omunye umuntu ozongenela ukhetho kodwa sizobheka ikhansela lethu uMatongo,” esho.

UMatongo uzoqedela isikhathi esisele sokuphatha sikaMakhubo, esizophela ngoMfumfu noma ekuqaleni konyaka ozayo, kuzoya ngokuhlehliswa kokhetho lohulumeni basekhaya.

Izihloko zakamuva