Kuqhume isibhamu esikoleni kubangwa i-achar!

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Unogada obehlomile uqoshwe kwividiyo eqhumisa isibhamu ngaphakathi ekilasini esikoleni saseGauteng.

Lesi sigameko esenzeke eTembisa School of Specialization sisukela ekungabonini ngaso linye mayelana nokudayiswa kwe-achar ngaphakathi emagcekeni esikole.

Kube sekusuka isidumo ngesikhathi unogada wesikole ezama ukuvimba abafundi ukuthi badayise i-achar.

Abafundi abadelelayo benqabile ukulandela imiyalelo yakhe. Kungaleso sikhathi lapho ebonakale ethatha isibhamu.

Konke lokhu kuqoshwe kwividiyo.

Iqulu labafundi libhekane nonogada ekilasini bezwakala kuvidiyo bemtshela ukuthi abadubule.

Kuzwakale isibhamu ngesikhathi unogada ephuma ekilasini wadedela izinhlamvu phansi ngenhloso yokusabisa abafundi.

Amaphoyisa abe esebizelwa esikoleni, ebesaziwa ngeTembisa High School.

Okwamanje akwaziwa ukuthi unogada okhiphe isibhamu uzoboshwa noma abekwe icala.

Abekho abantu abalimele ngenxa yalesi sigameko.

Ithimba le-Scroll.Africa lizolandela uMnyango wezeMfundo waseGauteng kanye nabe-SAPS ukuze baphawule ngokusemthethweni ngalesi sigameko.

Isithombe esingenhla: Isithombe sesigameko eTembisa School Of Specialization lapho unogada eqhumise isibhamu emagcekeni esikole.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva