Dylan Bettencourt
Abashayeli bezindiza ababili bamisiwe ngemuva kokuthi laba ababili beshintshe iqupha endizeni i-Air France isuka e-Paris ilibangise e-Geneva.
Ukulwa phakathi kwabagibeli sekucishe kube injwayela ezindizeni eziningi. Kodwa ingxabano phakathi kwabashayeli bezindiza ngesikhathi indiza isemoyeni cishe ayizwakali kuyinto ephephile.
Ingxabano isuke ngemuva kokuthi umshayeli wendiza enqabe ukwenza imiyalelo abeyinikwe uKaputeni.
Kube sekuqala ingxabano babambana ngezandla ngesikhathi bezama ukulawula i-Airbus A320 ngokusho kwe-The Times.
Imibiko iphakamisa ukuthi omunye wabashayeli bamabhanoyi ujikijele ibhodi elisindayo ebusweni bozakwabo.
Ithimba labasebenzi bezwa lo msindo bangena endlini yabashayeli, kodwa ngaleso sikhathi laba ababili bese beyekile ukuxabana.
Nokho njengesexwayiso omunye wabaqaphi ugade abashayeli bezindiza ababili ukuze aqinisekise ukuthi abaqali phansi lento yabo. Indiza yahlala ngaphandle kokukhishwa emahoreni ambalwa kamuva.
I-Air France ithe indlela abashayeli bezindiza abaziphatha ngayo ayiyinhle neze futhi bekumele inqume ngesiphetho salaba bobabili.
Lesi sigameko senzeke ngoNhlangulana, kodwa sisanda kuphumela obala ngemuva kokuthi inkampani yezindiza isolwa isikhungo sikahulumeni sezingozi nezokuphepha i-Bureau d’Enquetes et d’Analyses (i-BEA) ngokubekezelela isiko lokuphulwa komthetho kubashayeli bezindiza.
I-BEA isole amalungu eqembu ukuthi abeka izindiza engozini ngokuzikhulula.
Le nhlangano isebenzise amacala amane ukucacisa iphuzu lawo okuhlanganisa neqembu elilodwa elindiza phezu kwe-Afrika elihlulekile ukuvala injini yejethi naphezu kwezinkulungwane zamalitha kaphethiloli avuzayo ngaphakathi kwamaphiko.
I-Air France iphendule ngokusungula ucwaningo lwezokuphepha futhi yathembisa ukulandela imithetho kusukela manje, kodwa yagcizelela ukuthi izibonelo ezivela ku-BEA zimele ingxenye encane yezindiza zayo.
“Njengezinye izinto eziningi imibono izongena ohlelweni oluqhubekayo lokuthuthukisa ukuphepha kwendiza,” kusho i-Air France.
Umthombo wesithombe: @HospitalityON