Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Owayeyibamba lomqondisi ehhovisi leMeya yaseNelson Mandela Bay usenkingeni ngemuva kwezinsolo zokwenqaba ukubuyisa okhiye bakamasipala.
Uphinde wehluleka ukudalula ukuthi ikuphi imigexo yemeya ebiza u-R3-million.
NgoLwezi 2023, uGiovanne Joseph umabhalane owayephethe ehhovisi lemeya njengebamba likamqondisi kwaze kwaba uNhlangulana nyakenye, kusolwa ukuthi uyenqaba ukulandela imiyalelo yokubuyisa okhiye bakamasipala.
UJoseph usolwa nangokunqaba ukudalula ukuthi ikuphi imigexo emithathu yemeya ngemuva kokutholakala ukuthi ayisekho la ebibekwe khona.
Imigexo emibili ivela emadolobheni amabili angomakhelwane, i-Dispatch ne-Uitenhage manje eyaziwa nge-Kariega, ezahlanganiswa ne-Port Elizabeth ukwakha iNelson Mandela Bay.
NgoLwesibili uJoseph unikezwe incwadi emazisa ngenhloso yokummisa emsebenzini. Utshelwe ukuthi akaphume ehhovisi lakhe kusaphenywa ngezinsolo abhekene nazo.
Incwadi yokumiswa igunyazwe yibamba lomqondisi, uLiesel Daniels.
Encwadini, uDaniels uthi uJoseph wephule umthetho wokuziphatha kwabasebenzi othi, “Abasebenzi kufanele bahloniphe yonke imiyalelo esemthethweni enikezwa ngumuntu onegunya lokwenza lokho”.
UJoseph usolwa ngokungalandeli umthetho, ukwaba izimali ngendlela engafanele nokuthatha ikhefu ngaphandle kwemvume.
Le ncwadi iphinde yasola uJoseph ngokukhombisa ukuntula ukwethembeka nobuqotho, njengokusho kwemithetho yokuziphatha ngokukhipha izimali ngaphandle kokuthola imvume.
UJoseph usolwa nangokuphatha ihhovisi lemeya njengelakhe kusukela ecelwe ukuba abe ngumqondisi wehhovisi.
UJoseph wenqabile ukuphawula ngesikhathi ethintwa.
Esithombeni esingenhla: IMeya yaseNMBM uGary van Niekerk egqoke umgexo wobumeya.
Umthombo wesithombe: Anita Dangazele/File