Umrepha waseNingizimu Afrika uTshego ube sematheni ngobuciko bomdwebo osemzimbeni wakhe
Ividiyo yakhe eku-Instagram iveza imidwebo esemzimbeni wakhe emisha, kodwa omunye umdwebo emzimbeni usuwenze abalandeli bakhe bashaya amakhala ngaye.
Kuyo yonke imidwebo kaTshego ehlukahlukene emzimbeni wakhe, okukhulunywa ngawo kakhulu owe-Illuminati owaziwa nge-Eye of Providence.
Lolu phawu olubonisa iso lizungezwe unxantathu nemisebe yokukhanya, ngokuvamile luhlotshaniswa ne-all-seeing eye.
Ukuvela kwalolu phawu emzimbeni kaTshego kuholele ekutheni abalandeli bakhe abaningi bacabange ngokuhlangana kwakhe ne-Illuminati.
Miningi imibono nge-llluminati abaningi bayazi ngokuthi amalungu ayo ayaphumelela empilweni ngamandla abawatholayo nobuhlakani.
Abalandeli bomprepha baveze indlela abazizwa ngayo ngalokhu.
Nakuba abanye befuna ukwazi incazelo yalombhalo, abanye baveze indlela abangakhululekile ngayo ngalombhalo futhi bebeshaqekile ukuthi lomrepha uhlangana kanjani nalenhlangano eyimfihlo.
Kuphinde kwavela imibuzo mayelana nokuthi ngabe umndeni kaTshego ikakhulukazi indodakazi yakhe bayawuqonda yini lombhalo futhi bazizwa kanjani ngawo.
Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff
Isithombe ngenhla: umbhalo kaTshego omusha.
Umthombo wesithombe: X