Ufakazi wombuso udutshulwe washona esenkantolo

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

  • Owesilisa udutshulwe wabulawa eNkantolo yeMantshi yase-Wynberg ngoLwesibili. 
  • Umdubuli uqonde kumufi wadubula ngezinhlamvu ezintathu ekhanda ngaphambi kokuba abaleke.

Owesilisa udutshulwe washona eNkantolo yeMantshi yase-Wynberg eKapa ngoLwesibili ekuseni.

Umsolwa ubehlezi endaweni yokwamukela abantu ngaphandle kwenkantolo ngesikhathi ushayasibhamu eqonda kuye wamdubula amahlandla amathathu ekhanda.

Abantu bahayize babaleka beyocasha njengoba umsindo wesibhamu ubuzwakala ebhilidini lenkantolo.

Ushayasibhamu nabanye bebefike ngemoto yohlobo lwe-Toyota Quantum emhlophe. Ngemuva kokudubula, oshayasibhamu babalekile ebhilidini banyamalala.

Amaphoyisa athe kukholakala ukuthi isigameko sokudubula sihlobene namaqembu ezigelekeqe.

USayitsheni Wesley Twigg usiqinisekisile lesi sigameko wathi, “Umgilwa ube namanxeba okudutshulwa emzimbeni wakhe kanti abezempilo bahlonze ukuthi useshonile endaweni yesigameko.”

Uthe amaphoyisa avule icala lokubulala kanti bekungakaboshwa muntu.

“Imbangela yokuhlasela isaphenywa,” kusho uTwigg.

Noma ubani onolwazi ucelwa ukuthi athinte i-Crime Stop ku-08600 10111 noma abike ngokungaziwa ohlelweni lwe-MySAPS.

Esithombeni esingenhla: Owesilisa odutshulwe washona. 

Umthombo wesithombe: @_mashesha

Izihloko zakamuva