Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Ilungu le-EFF e-Tshwane, uLebogang Mafa, udutshulwe wabulawa ehleli egunjini lakhe lokudlela nendodana yakhe ngeSonto ebusuku.
Kusolwa ukuthi abasolwa abane bangene ngendluzula kulo muzi kwathi oyedwa wasala ngaphandle kanti umsolwa oyedwa akashongo lutho wavulela ngenhlamvu ebhekise kuMafa, wamdubula amahlandla amathathu emzimbeni wakhe ongenhla.
Kuthiwa ushonele endaweni yesigameko.
Indodana ikwazile ukuhlonza umsolwa owaziwayo emndenini.
Umsolwa uvele ngaphambi kweNkantolo yasePitoli ebhekene necala lokubulala, ukuzama ukubulala nokugqekeza.
Icala lihlehliselwe umhlaka-4 kuZibandlela ukuze kuqhutshekwe nophenyo.
Abanye abasolwa abathathu basagcwele amathafa.
Likhuluma ne-Scrolla.Africa, ikhansela laku-Ward 90, uQueen Chauke, uthe nakuba bejabule ukuthi lo mlisa uboshiwe wagqunywa esitokisini samaphoyisa, bafuna indodana ithathwe ukuze ivikeleke njengofakazi.
“Sisabela impilo yakhe njengoba laba abanye abasolwa abathathu basagcwele amathafa futhi bangase babuye bazoqedela abakuqalile.
“Abasolwa bakhombisile ukuthi abananhliziyo ngokubulala umama wakhe phambi kwakhe. Yini engabavimba ukuthi bambulale naye?” kusho uChauke.
Ubuye wathi lokhu kubulala okungenangqondo kwenzeka ekupheleni kweNyanga Yabesifazane nalapho izwe lilwa nokuhlukunyezwa ngokobulili nokubulawa kwabesifazane.
“Siyawacela amaphoyisa ukuthi athungathe abasolwa abathathu abagcwele amathafa kumanje (bese) nenkantolo ikhiphe isigwebo esinzima,” usho kanje.
Usihlalo we-EEF e-Tshwane u-Obakeng Ramabodi uthe lesi sigameko sibonisa iqiniso elibuhlungu lokuthi i-Soshanguve isiphenduke isizinda sobugebengu.
“Imiphakathi yethu ihaqwe udlame futhi nokuphepha akusekho.
“Indodana yakhe ihlukumezekile ngenxa yokubona ukubulawa kukanina ngendlela engenangqondo,” usho kanje.
Osesithombeni ngenhla: ULebogang Mafa.
Umthombo: Uthunyelwe
