Kuboshwe umalume ngecala lokudlwengula umshana

Lubhalwe nguKarabo Rammutla

Umuthi odukile esigodlweni sesangoma usindise intombazane (17) osekuphele izinyanga idlwengulwa umalume wayo.

Isangoma saseMmakau e-North West siye sabona ukuthi ibhodlela lomuthi alikho sase sinquma ukukhuluma nale ntombazane. Intombazane ivele yakhihla isililo yatshela isangoma ukuthi umalume wayo uye wantshontsha umuthi ekuqaleni kukaNhlangulana wayiphoqa ukuthi iwuphuze ukuze ihushule isisu.

Isangoma sithe intombazane iye yavuma ukuthi umalume wayo ubeyidlwengula kusukela kuqale unyaka nokuthi ubeyisabisa ngokuthi uzoyibulala uma ike yatshela umuntu.

Isangoma sithe intombazane ayizange ingene esikhathini yase itshela umalume wayo oye wabona ukuthi intombazane ikhulelwe. “Wathenga into ehlola ukuthi umuntu ukhulelwe kwatholakala ukuthi intombazane ikhulelwe wabe esenquma ukuntshontsha umuthi wami ukuze kuhushulwe ingane,” kusho isangoma.

Isangoma sithe sithinte izihlobo zentombazane zathi zizoxazulula lolu daba ngendlela ekahle nenokuthula.

“Ngibuze umalume wentombazane ngalolu daba futhi ube esexolisa wangithembisa ukuthi uzongikhokhela ngokuntshontsha umuthi wami,” esho. “Kodwa njengoba umndeni wentombazane ungalubikanga udaba emaphoyiseni nginqume ukuyolibika mina mathupha umalume wentombane waboshwa.

Isangoma sithe intombazane iyintandane futhi idinga ukuyiswa endaweni ephephile.

“Ngizoxhumana nosonhlalakahle. Umndeni wakhe ususola intombazane ngokumosha impilo kamalume wayo. Intombazane idinga indawo ezozizwa iphephile kuyo nalapho ezoba khona ingane,” esho.

Okhulumela amaphoyisa ase-North West uColonel Amanda Funani uthe owesilisa (42) uboshwe ngoLwesibili olwedlule ngecala lokudlwengula intombazane (17).

Uvele kafushane eNkantolo yeMantshi yase-Brits ngoLwesithathu kanti okwamanje usagqunywe esitokisini.

Esithombeni esingenhla ngenhla: Isangoma sidalule udaba olunyantisayo likamalume odlwengula umshana wakhe

Umthombo wesithombe: Karabo Rammutla

Izihloko zakamuva