Lubhalwe nguNkhensani Mthombeni
UPeter noPhanuel Mokgalaka baboshwe eSelwane Village ngemuva kokuzama ukudayisa amazinyo endlovu kumaphoyisa abezenza abathengi.
Amaphoyisa aphinde ashaqa isibhamu sokuzingela kanye nezinhlamvu ngesikhathi kuqhubeka umkhankaso owawuholwa oKlebe nabasebenzi basesiqiwini.
Kuboshwe amadoda amabili ngokuzama ukudayisa amazinyo endlovu abiza u-R200 000 eLimpopo.
Abasolwa uPeter noPhanuel Mokgalaka, babanjwe amaphoyisa eSelwane Village ngaphandle kwasePhalaborwa ngoLwesithathu.
Lo mkhankaso ubuholwa oKlebe eLimpopo, ngosizo lweSani Sand Nature Reserve kanye nophiko lwe-Kruger National Park’s Environmental Crime Investigation.
Amaphoyisa alunywe indlebe ukuthi la madoda abedayisa amazinyo endlovu. Amaphoyisa azenza abathengi.

Abazalwane bavuma ukuhlangana nalabo ababethi bangabathengi eSelwane. Lapho befika, amaphoyisa ayebalindile.
“Batholwe namazinyo endlovu amane, isibhamu sokuzingela kanye nezinhlamvu,” kusho okhulumela oKlebe uWarrant Officer Luthunya Mmuroa.
Abasolwa ababili bavele eNkantolo yeMantshi yaseLulekani ngoLwesine ekuseni. Icala labo lihlehliselwe uLwesihlanu umhlaka-4 kuNtulikazi.
Esithombeni esingenhla: Amaphoyisa oKlebe abophe amadoda amabili namazinyo endlovu ngesikhathi eqhuba umkhankaso.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe