Kuboshwe amadoda amabili ngokudlwengula isalukazi esineminyaka engu-91

Lubhalwe ngumbhali we-Stuff

Isalukazi esineminyaka engu-91 sithwale kanzima ngoLwesihlanu ebusuku ngesikhathi abalisa ababili bengena ngenkani emzini waso basishaya, besidlwengula ngemuva kwalokho basibamba inkunzi. 

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Namhla Mdleleni uthe amadoda amabili agasele emzini wesalukazi endaweni yaseTylden ngaphandle kwaseKomani e-Eastern Cape ngabo-10 ebusuku ngoLwesihlanu.

Uthe abasolwa bantshontshe umabonakude kanye nomakhalekhukhwini aso isalukazi. 

La madoda, aneminyaka engu-22 no-32 ubudala, aboshwe ngoMsombuluko ebusuku.

“Uphenyo olunzulu lwamaphoyisa luholele ekuboshweni kwalaba basolwa ababili. Amaphoyisa aphinde athola nomabonakufe obuntshontshiwe kodwa umakhalekhukhwini awukatholakali. Nokho uphenyo lwamaphoyisa lusaqhubeka,” kusho uMdleleni.

Abasolwa ababili babekwe amacala okudlwengula, ukungena endleni ngodli bantshontshe kanye nokushaya ngenhloso yokulimaza. 

Okhulumela iNational Prosecuting Authority uLuxolo Tyali uthe bobabili bazovela okokuqala eNkantolo yeMantshi yaseKomani ngoLwesithathu. 

Isithombe esingenhla: Imoto yamaphoyisa. 

Umthombo:X

Izihloko zakamuva