Kuboshwe abahlanu ngesokubulala kwaNobuhle 

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Amaphoyisa ase-Eastern Cape abophe abasolwa abahlanu emahoreni angu-48 ngemuva kokubulawa ngesihluku kwabantu abayisithupha endaweni okusolakala ukuthi iyisizinda sezidakamizwa eNelson Mandela Bay.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Priscilla Naidu uthe abasolwa abahlanu abaneminyaka ephakathi kuka-21 no-34 baboshwe ezintatha ngoLwesine.

Kukholakala ukuthi abasolwa bagasele emzini okusolakala ukuthi ubunezidakamizwa ku-Mdledle Street KwaNobuhle ngezithuba zabo-7.40 ebusuku ngoLwesibili kwashona abantu abayisithupha kwalimala okungenani abane.

UColonel Naidu uthe balunywe indlebe ngemuva kwemizamo yophiko lwe-Provincial Serious and Violent Crimes Unit, i-Crime Intelligence, i-Tactical Response Team ne-Anti-Gang Units.

“Lesi sigameko sibonakala sihlobene nezidakamizwa,” esho.

“Abasolwa baboshwe ngamacala ayisithupha okubulala kanye namane okuzama ukubulala.”

UColonel Naidu uthe uKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni uMajor-General Nomthetheleli Mene ukushayele ihlombe lokhu.

Uthe ithimba elijutshiwe likhombise ukuzinikela kanye nekhono lokubamba izigilamkhuba ezibhekene namacala okubulala nokuzama ukubulala.

“Ithimba lisebenze ubusuku nemini selokhu kwenzeke lesi sigameko laphinde ladela ukunethezeka nokuphepha kwalo ukuqinisekisa ukuthi ukuboshwa kwabasolwa kududuza imindeni yabashonile,” kusho uColonel Naidu.

Kulindeleke ukuthi abasolwa bavele enkantolo maduze.

Khonamanjalo, amagama abashonile akhishwe ngoLwesine.

USiyabonga Williams(24), uSinovuyo Nene (24), uMzuvukile Grootboom (33), uSiyamthanda Vena (27), uSiyanda Luther Mlilwana (29) kanye noSivenathi Mxaku (17).

Esithombeni esingenhla: Indlu eku-Mdledle Street lapho kwenzeke khona isigameko sokudubula.

Umthombo wesithombe: Anita Dangazele

Izihloko zakamuva