Kubekwe uR1 billion wokusiza abakhahlanyezwe izikhukhula 

Lubhalwe nguLungani Zungu

UNgqongqoshe wezeziMali, uMnu Enoch Godongwana, usememezele uhlelo luka-R1 billion oluzosiza inqwaba yezisulu zezikhukhula zakamuva.

Kodwa lo-R1 billion uzotholakala ngonyaka ozayo kuphela, kusho uGodongwana ngesikhathi ethula inkulumo yesabelomali ngoLwesithathu ePhalamende.

Nokho zisakhona izimali ezisasele ezamemezelwa kwisabelomali sangonyaka odlule.

“Mayelana nezikhukhula zakamuva kanye nezinhlekelele zikazwelonke ezimenyezelwe ezifundazweni ezehlukene, u-R695 million uzotholakala kulo nyaka ukuze kusizwe izakhamuzi ngokushesha.”

Uthe izisulu ezisale dengwane ezifundazweni ezikhahlanyezwe izikhukhula kumele zithole isikhwama sosizo oluphuthumayo ukuze zithole izindawo zokuhlala zesikhashana nokudla.

Izikhukhula zakamuva zishiye umonakalo cishe kwizifundazwe eziyisikhombisa okubalwa i-Gauteng, iKwaZulu-Natal, i-Eastern Cape, iMpumalanga, iNorthern Cape, iNorth West kanye neLimpopo.

Ngemuva kwalokhu, uhulumeni umemezele isimo sikazwelonke sezinhlekelele futhi kumele kube nempendulo eqinile, nehlelekile ukuqeda umonakalo odalwe izikhukhula.”

Abantu abaningi okuhlanganisa nezingane basala dengwane, izinkomo zafa kwashona cishe abantu abayisishiyagalombili. 

Lokhu kwenzeke ngesikhathi i-KZN isadlulisa umonakalo wezikhukhula zikaMbasa ezaholela ekushoneni kwabantu abangaphezu kuka-440.

Abanye abahlaselwe izikhukhula phambilini basagcinwe ezindlini zesikhashana eThekwini naseMgungundlovu.

UGodongwana uthe usizo oluzohlinzekwa luzoba zinhlangothi ezimbili olunye usizo kumele luphuthume kanti enye izokwabelwa ukulungisa nokululama kwesikhathi eside.

Osesithombeni esingenhla: UNgqongqoshe wezeziMali u-Enoch Godogwana

Umthombo wesithombe: @TreasuryRSA

Izihloko zakamuva