Izingane ezihlomile zigebenga izakhamuzi zase-Samora Machel 

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Izakhamizi zase-Samora Machel zithi izingane ezineminyaka engu-12 ubudala zikhahlela iminyango futhi zigebenga abantu ezindlini ngezibhamu.

Izakhamuzi eziphuma emakhaya kusenesikhathi zikhonjwa indlela yizigebengu kanti amaphoyisa ayaphuza ukuphendula ngenxa yokushoda kwezimoto.

UMnyango wamaPhoyisa usuqinisekise izakhamizi zaseKapa e-Samora Machel ukuthi kukhona okuzokwenziwa ukunqanda izigameko zobugebengu bokugetshengwa kule ndawo.

Lokhu kulandela umhlangano wobugebengu obuseSophumelela Secondary School lapho amalungu omphakathi etshele iPhini likaNgqongqoshe wamaPhoyisa uCassel Mathale noPolly Boshielo ukuthi ubugebengu abulawuleki.

Izakhamizi zase-Samora Machel eKapa sezinxuse abaphathi bamaphoyisa ukuthi basize ekunqandeni ukugetshengwa kwabantu endaweni yabo.

“Ubugebengu buphezulu kakhulu endaweni yethu, siyashoda ngisho evenini yamaphoyisa, uma uvakashele esiteshini samaphoyisa uyobika ngobugebengu kuthiwa awulinde njengoba awekho amaveni, sidinga izimoto ezimile kuzo zonke izindawo ezinobugebengu,” kusho unobhala we-Sanco, u-Unathi Mlamla.

Abantu abaya emsebenzini phakathi kuka-5 ekuseni no-7 babanjwa inkunzi, nalabo ababuya ntambama.

“Izingane ezineminyaka engu-12 zikhahlela izicabha ezindlini zethu zisigebenga.

ULusanda Mdlungu uthe izigebengu ziyasizakala ngoba amaphoyisa ayaphuza ukufika.

Ngisho noma uvakashele esiteshini samaphoyisa ukuyobika ngobugebengu, amaphoyisa avele akubuke angabi nankinga,” kusho uMdlungu.

Uqhube wathi kunzima ukubika amaphoyisa angalungile ngoba awawafaki amagama.

Nginomakhelwane owaya kwikamu yamaphoyisa eyobika ngendodana yakhe ehlukumezekile benqaba ukumsiza waze wamemeza ngaphakathi. Sidinga amaphoyisa awuthathele phezulu umsebenzi wawo,” kusho uMdlungu.

Uthe amaphoyisa azohlangana nabaphathi besifundazwe nabakazwelonke ukuthola izixazululo.

“Kusukela lapha sizohlangana nabaphathi besifundazwe kanjalo nabaphathi kuzwelonke ukuze sihlahle indlela yokubhekana nesimo sobugebengu kule ndawo, sizothola izindlela zokuxazulula lezi zinkinga,” kusho uBoshielo.

Esithombeni esingenhla: IPhini likaNgqongqoshe uMathale kanye noBoshielo babambe imbizo yokunqanda ubugebengu e-Samora Machel, eKapa.

Umthombo: Buziwe Nocuze

Izihloko zakamuva