UCelani Sikhakhane ukulethela izindaba zakamuva ezenzeke KwaZulu-Natal.
EThekwini: Kushayisana imibono phakathi kwe-ANC neSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini ngokushintshwa kwamagama esifundazwe. NgoLwesibili, ithimba le-ANC eKZN likubeke kwacaca ukuthi leli khwelo liyindlela yokudlala ngemizwa yabantu. Leli qembu lithi noma ngubani ofuna kuqanjwe kabusha iKZN aphinde asule igama lesiPutukezi elithi “Natal” kumele azi ukuthi uzobhekana noMthethosisekelo ngoba wawuyingxenye yezivumelwano ngesikhathi kunezingxoxo ezabanjwa ngaphambi kukahulumeni wokuqala wentando yabantu kuleli. ISilo uMisuzulu kaZwelithini uveze lombono ngesikhathi kukhunjulwa impi yaseSandlwana lapho enxuse khona ukuthi lesi sifundazwe siqanjwe kabusha ngokuthi iKwaZulu. Uthe igama elithi Natal yigama lamakoloni elingahambisani nabantu besifundazwe.
IsiFunda Ugu: UNgqongqoshe Wezempilo KwaZulu-Natal, uNomagugu Simelane uhola iMbizo yezeMpilo enomthelela omkhulu esifundazweni kanye nesibhedlela iKubantu outreach eMzumbe, esifundeni Ugu, okuhloswe ngayo ukuletha izidingongqangi zezempilo emiphakathini. Isibhedlela iKubantu iwuhlelo oluyingqalabutho olwakhelwe ukubhekana nokungalingani kwezenhlalo nomnotho kanye nezithiyo eziqhubekayo zokufinyelela ekunakekelweni kwezempilo, njengobumpofu, izinselelo zezokuthutha kanye nokungakwazi ukuzikhokhela. UNgqongqoshe uSimelane uthi ngokusondeza izinsiza eduze nalapho abantu behlala khona, lolu hlelo luphinde lwehlise ingcindezi ezikhungweni zezempilo, lwehlise ukugcwala kwabantu futhi lwenza nabasebenzi bezempilo bakwazi ukusebenza kahle.
EManguzi: UNdunankulu waKwaZulu-Natal uThami Ntuli usezwakalise ukushaqeka, usizi kanye nentukuthelo enkulu kulandela ukubulawa kabuhlungu kwezingane ezintathu endaweni yaseLulwane (Sikhemelele) eManguzi ngaphansi kwesiFunda uMkhanyakude. Ngokwemibiko yamaphoyisa aseNingizimu Afrika, lesi sigameko senzeke ngobusuku bangomhlaka-30 kuMasingana ka-2026 nokuholele ekutheni kushone uKwanele Gumede, (15) u-Amanda Khumalo (9) no-Ayabonga Khumalo (7). Kusolwa ukuthi izingane zibulawe nguyise. UNdunankulu uNtuli uchaze lesi sigameko njengesiphazamisa kakhulu, esingenangqondo futhi siwukuhlukumeza ngendlela engenakuthethelelwa ubungcwele bempilo, ikakhulukazi ezinganeni ezithembele kubantu abadala ukuze zithole uthando, ukuphepha nokuvikelwa. Ukubulawa kwezingane ezingenacala, ikakhulukazi ezindlini zomndeni okufanele zibe yindawo ephephe kunazo zonke, kushiye isifundazwe sidangele futhi silusizi.
Esithombeni esingenhla: Ikhwelo leSilo uMisuzulu kaZwelithini lokuba kuqanjwe kabusha isifundazwe saseKZN sibe yiKwaZulu futhi kuhoxiswe iNatal njengegama lamakoloni lihlangabezane nezingxabano phakathi kwe-ANC.
Umthombo wesithombe: Zulu Royal Kingdom
