EMkhanyakude: Abaholi besifunda soMkhonto weSizwe Party esiFundeni uMkhanyakude bakhumbuze abesifazane bebandla lamaPhostoli ngendlela uMengameli wale nhlangano, uJacob Zuma, ehlale elazisa iqhaza labo emzabalazweni. Laba baholi bakhumbule ukuthi abesifazane babasiza kanjani abalweli benkululeko ukuthi baye eSwatini naseMozambique ngesikhathi sobandlululo. Lokhu kusebenzile, abesifazane abancane nabadala bebejabula beshaya nezandla esontweni.
Lokhu kwenzeke ngoLwesine ngesikhathi leli qembu lihambele inkonzo yokunikela ngamathangi amanzi, njengoba lesi sifunda sibhekene nenkinga yokushoda kwamanzi.
Lolu hambo luza ngemuva kokuthi leli qembu liphinde lavakashela ebandleni lakwaShembe, lapho lifike lanikela khona ngezinkomo.
UMnuz Ndodephethe Mthethwa we-MKP utshele ingqungquthela ukuthi iqembu lisathembele emandleni abantu besifazane, bakholwa wukuthi azobasiza ukuthi bathathe omasipala abaningi esifundeni esihlaselwe ububha eKZN Far North.
KwaMashu: Uphiko lwamaphoyisa aseNingizimu Afrika luzovalelisa okokugcina futhi ludlulise isigqoko sokugcina kuSayitsheni Mandla Khuzwayo ongasekho njengoba kuzoba nomngcwabo osemthethweni KwaMashu ngoMgqibelo ngomhlaka-30 kuNhlaba ka-2026.
USgt Khuzwayo ushone esibhedlela kuleli sonto kulandela ukuduvuleka. Wavinjwa abasolwa abadubula kaningi bebhekise kuye kanye nozakwabo uCaptain Cornelius Nel ngomhlaka-30 kuMbasa ka-2026 eMount Edgecombe. UCaptain Nel kuthiwa ushonile endaweni yesigameko kanti usevele ungcwatshiwe ngomngcwabo kahulumeni. Amaphoyisa athi uphenyo luyaqhubeka njengoba kuthungathwa abasolwa ababulale ngesihluku amaphoyisa amabili ophiko lweCrime Intelligence.
OThukela: IDemocratic Alliance kuMasipala wesiFunda uThukela ithi isashaqekile ngenxa yezinkinga ezithinta imali kwabaphathi be-IFP. Isigungu esiphezulu sesiFundazwe sesibize iMeya ye-IFP iNkosi N.B. UShabalala kanye neMenenja kaMasipala uMnu LS Jili bazoziphendulela ngokusetshenziswa ngokungemthetho kwezimali zoxhaso olunemibandela ukuze kusetshenziswe izindleko zokusebenza, okuhlanganisa namaholo, okuphula umthetho weDivision of Revenue Act kanye nezivumelwano zezibonelelo.
I-DA ithi ngonyaka odlule iMenenja kaMasipala yasebenzisa isinyenyela isinqumo seNkantolo eNkulu neRASP Consultants ngaphandle kwemvume yoMkhandlu. Ube esehluleka ukuhlonipha isitolimende sokuqala sika-R3 million ngoZibandlela ka-2025, nakuba u-R12 million uhlezi ebhange, njengoba kuqinisekiswe uNgqongqoshe wezeziMali.
Esithombeni esingenhla: Umbutho we-MKP wesiFunda uMkhanyakude uvakashele ibandla lakwaShembe ngaphambi kokuhambela inkonzo yabaPhostoli lapho benikele khona ngamathangi amanzi.
Umthombo wesithombe: MKP
