Izindaba ezifingqiwe zaseKZN: Umphakathi  waseHluhluwe wamukele ukusebenzisana nabakwamanye amazwe 

UCelani Sikhakhane ukulethela izindaba zakamuva zaKwaZulu-Natal.

EHluhluwe: Umphakathi waseHluhluwe ohlomule ngogandaganda nezinye izinsiza zokulima wamukele abokufika abasemthethweni ukuthi basebenzisane nabo ukuze ugweme ukudayisa impahla engagcina idala izifo emiphakathini.

Lokhu kuvele ngemuva kokuthi amalungu ePhelindlala Cooperative ethole izinsiza zokulima kumasipala wendawo wakwaHlabisa, osukhahlamezeke kakhulu ngokugcwala kwabantu bokufika abanezipaza ezisematheni ngokudayisa ukudla osekuphelelwe yisikhathi.

UMnuz Velimpilo Vezi wePhelindlala Cooperative uthe bafuna ukusebenzisana nabakwamanye amazwe abakuleli ngokusemthethweni uma sebelima amazambane neminye imifino, ukuze baqinisekise ukuthi bayakuyisa ezitolo lokho kudla okusha okunothe ngamaminerali.

“Ngenxa yezimo izipaza zethu zithathwe ngabantu bangaphandle kanti leli yithuba lethu njengezizwe ezehlukene ukuthi sisebenzisane sidayisele imiphakathi yethu ukudla okusha ngemuva kokuthi uMasipala waseBig Five Hlabisa usisizile,” kusho uVilane.

EMtubatuba: INkantolo yesiFunda yaseMtubatuba igwebe uVusi Velaphi Ngwenya (35) odilikajele ababili ngemuva kokuvuma icala lokudlwengula nelokubulala isalukazi esineminyaka engu-44 ngoNtulikazi wango-2021. UNgwenya ubengathandani nomufi futhi ubengahlobene naye.

Enkantolo, uwavumile womabili amacala. Umshushisi uPhumlani Khoza udlulise isitatimende se-Victim Impact Statement (VIS) esiholwa nguSthembile Cebekhulu waseNkantolo futhi esahlanganiswa ngumshana kamufi. Esitatimendeni sakhe lo wesifazane uthe umufi ubengumuntu obegcina umndeni wabo uhlangene futhi enakekela wonke umuntu. Ubalule ukuthi lesi sigameko sibahlukumeze kakhulu.

UNgwenya ugwetshwe udilikajele ngecala ngalinye. Kuthiwa akakulungele ukuba nesibhamu, inkantolo yakhipha umyalelo wokuthi igama lakhe libhalwe kuRejista Yesizwe Yamacala Ocansi.

OLundi: UKhomishana wesiFundazwe saKwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, wenze i-Passing Out Parade yamaphoyisa amasha angu-145 abesesikhungweni se-SAPS Academy oLundi ngoLwesihlanu, mhlaka-15 kuNcwaba(August) 2025.

Abesifazane abayikhulu nesishiyagalolunye (109) nabesilisa abangu-36, bonke abathweswe iziqu, baphothule uHlelo Lokufunda Lokuthuthukiswa Kwamaphoyisa lwezinyanga eziyisithupha. Bonke kumenyezelwe ukuthi baphumelele futhi bazotshalwa esifundazweni saKwaZulu-Natal.

Esithombeni esingenhla: Amalungu omphakathi aseHluhluwe amukela ukusebenzisana nabakwamanye amazwe. 

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva