Izikhukhula ziphazamise umnotho KwaZulu-Natal

Dylan Bettencourt

NgoLwesibili umnotho uphazamisekile KwaZulu-Natali njengoba izikhukhula zishiye umonakalo wezigidigidi zamarandi okuphoqeleke ukuthi kumiswe ukusebenza.

Izingxenye zeKZN zibe nemvula yezinyanga ezinhlanu esikhathini esiyizinsuku ezimbili kuya kwezintathu, yakhukhula imizila emikhulu yezokuthutha efana nothelawayeka futhi yashiya nezindawo zokuthutha zicekeleke phansi.

I-South African National Roads Agency (i-Sanral) ikuqinisekisile ukuthi lezi zikhukhula zidale ukuthi kuvalwe umgwaqo ongenela echwebeni laseThekwini.

“Umgwaqo uBayhead ongenela echwebeni uvalwe ngokuphelele ngenxa yemvula enamandla nezikhukhula. Onjiniyela baphansi phezulu bahlola isimo futhi banikeza isiqondiso ngokuhamba kwenethiwekhi,” kusho imenenja yezokwakha umklamo wesifunda sasempumalanga uSanral Ravi Ronny.

Uthe izingxenye zomgwaqo onguthelawayeka u-N3 zivaliwe ngenxa yokulungiswa kwezinto ezicekelwe phansi izikhukhula.

Ukulimala kwengqalasizinda nemizila yezokuthutha kwenzeke kungakapheli unyaka ngemuva kwezibhelu zangoNtulikazi lapho umnotho wehla khona ngo-R50 billion.

I-Toyota South Africa imise ukusebenza kwayo eThekwini ngemuva kwezikhukhula ezishiye indawo yabo yokugcina izinto igcwele amanzi.

Indawo yokupaka egcwele izimoto zakwa-Toyota icishe yambozwa ngamanzi ngesikhathi imvula ina eKZN.

Abakwa-Transnet baveze ukuthi ukusebenza kwabo kumile njengoba izikhukhula ziphazamise ukungena kwabo ezikhumulweni eziningi. Okhulumela inkampani u-Ayanda Shezi ukuqinisekisile ukumisa ukusebenza ngenxa yezokuphepha.

“Azikho izigameko ezinkulu ezibikiwe kumatheminali kuze kube manje,” esho esitatimendeni.

“Kumisiwe ukuthunyelwa kwemikhumbi kuze kube kuphuma esinye isaziso ngenxa yokulimala kwemvelo kanti nemikhumbi ebekwe endaweni yokulinda imile.”

Isikhulu sakwa-MTN esibhekelele izindaba zamaBhizinisi eNingizimu Afrika, uJacqui O’Sullivan, uthe abakwa-MTN bathi zingaphezu kuka-500 izindawo zabo ezicekelwe phansi eKZN ngenxa yezikhukhula.

“Izikhukhula zidale ukucisha kukagesi ezindaweni zethu eziningi kanti njengoba sinamabhethri asizayo, nawo aphelile,” esho.

“Inselelo yethu enkulu njengamanje ukufinyelela ezindaweni ezinemigwaqo eminingi eyonakele noma egcwele amanzi, okusivimbela ekufakeni uphethiloli kumabhethri ethu noma ukubuyisela ugesi ezindaweni zethu.”

Okhulumela abakwa-Vodacom uByron Kennedy uthe ingaphezu kuka-400 imibhoshongo ethintekile kulandela ukuphazamiseka kokuhlinzekwa kukagesi ogwini olusenyakatho naseningizimu yeTheku.

Umthombo wesithombe: @Bloomberg

Izihloko zakamuva