Lubhalwe nguNontokozo Gemani
INingizimu Afrika inentsha engaphezu kuka-21 million engaphansi kweminyaka engu-35 ubudala, futhi iningi layo lenqaba ukuvota.
IKhomishini Ezimele Yokhetho inethemba lokuthi uhlelo lwayo olusha lokubhalisa nge-inthanethi luzokhuthaza abantu abasha abaningi ukuthi bajoyine ukhetho oluzayo.
Izigidi zentsha yaseNingizimu Afrika zikhetha ukungayi eziteshini zokuvota ngoba zingabethembi osopolitiki.
INingizimu Afrika izobamba ukhetho lohulumeni basekhaya phakathi kukaLwezi ka-2026 noNhlolanja ka-2027.
Izwe linabantu abangaphezu kwezigidi ezingu-21 abaphakathi kweminyaka engu-15 no-34. Lokhu kwenza abantu abasha babe yiqembu elikhulu labavoti. Kodwa bavote kancane.
Intsha eningi ithi osopolitiki abanandaba nokudonsa kanzima kwabo ngenxa yokuntuleka kwemisebenzi kanye nokumba eqolo kwempilo.
UZamokuhle Moloi (23) waseGauteng, ubhalise kabili kodwa akakaze avote.
“Anginaso isiqiniseko sokuthi ngizovotela bani. Kwesinye isikhathi kuba sengathi awekho amaqembu akhulumayo ngalokho engikukhathalelayo,” esho.
Esikhundleni sokuvota intsha eningi ikhetha ukubhikisha ikhononde ezinkundleni zokuxhumana.
Umhlaziyi wepolitiki, uMnuz Tessa Dooms, uthe abantu abasha sebekhathele ukuvota ngoba akulethi izinguquko emiphakathini yabo.
“Akusikhona ukuthi abantu abasha abanandaba nezwe, wukuthi ukuvota akukayikhiphi imiphumela abebeyilindele,” usho kanje.
UDooms uthe babalelwa ku-14 million abantu abasha baseNingizimu Afrika abangabhalisile ukuvota. Uthe abaholi abadala yibo abathatha izinqumo eziningi. Ngo-2021, u-15% kuphela wamakhansela akhethiwe ayengaphansi kweminyaka engu-35.
Kodwa i-Independent Electoral Commission (IEC) ilubonile ushintsho oluncane.
Isikhulu esiphezulu se-IEC, uMnuz Sy Mamabolo, sithe uhlelo olusha lwe-inthanethi lwenza kube lula ukuthi abantu abasha babhalise emafonini abo.
Uthe iningi labantu ababalelwa ku-200 000 ababhalise kusukela ngoLwezi yintsha.
I-IEC ifuna kwanda intsha eningi ukuthi ibhalise kusenesikhathi futhi izijwayeze ukuvota.
Esithombeni esingenhla:Ivoti.
Umthombo wesithombe: ActionSA
