INFP inikeze uNgqongqoshe uShinga ithuba lokuphikisa ukuxoshwa kwakhe eqenjini

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Isigungu esibhekele ukusebenza kwansukuzonke kuNational Freedom Party sesinikeze uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal ithuba lokuba aphikise isinqumo sekomiti lokuqondiswa izigwegwe sokumxosha eqenjini.


Lokhu kulandela umhlangano weNational Working Committee yeNFP othathe izinsuku ezintathu kusuka ngoMgqibelo kwaze kwayoshaya uMsombuluko lapho iNWC ivumelane ngokuthi uNksz Mbali Shinga akanikezwe ithuba lokuphikisa lesi sinqumo.

Lo mhlangano weNWC ulandela usinqumo esithathwe ngeSonto eledlule sokuba uNksz Shinga axoshwe eqenjini ngoba esolwa ngokuvimba uMkhonto weSizwe Party ukuba uthathe isiFundazwe ngokuketula uNdunankulu uThami Ntuli lokungabethembi ubuholi bakhe.

UNobhala Jikelele osabambile kuNFP, uMnuz Sunset Xaba uthe inhloso ukuba uNksz Shinga anikezwe ithuba ngaphandle kokwenzelela.

” I-NWC ivumelene ukuba uNksz Shinga anikezwe ithuba lokudlulisa lesi sinqumo sokumxosha eqenjini. Ngakho ke isigungu sivumelene ukusungula ikomiti elizobhekana nokuphikisa isinqumo sokumxosha eqenjini nelizosebenza ngokulawulwa imigomo nezigaba zomthetho wokusebenza kweqembu ezimayelana nodaba lwakhe,” kusho uXaba.

Uqhube wathi lokhu kwenzelwa ukuqiniselisa ukuthi ilungelo likaNksz Shinga eqenjini elinyathelwa kodwa konke kwenziwa ngemigudu efanele, elawula wonke amalunga enhlangano.

UNksz Shinga ngonyaka owedlule wagoloza ibhadi ukuba avote neMKP ngesikhathi sokuchitha uNtuli ukuze kungene iMKP.
UNksz Shinga wathi yena akakwazi ukujikela uHulumeni abayingxenye yawo.
Wabuye wakhala kakhulu ngokuhlukunyezwa nokuthukwa akuthole kumalunga eMKP.

Wathi ngusho esethanda ukusebenza nabo kodwa akaziboni ngoba bamunaphaza ngezinhlamba.

Izihloko zakamuva