Izigidi zabantu bakuleli zizokwazi ukubuka umdlalo wamaBhokobhoko mahhala!

Lubhalwe ngumbhali we-Stuff

UNgqongqoshe wezeMidlalo ubuCiko namaSiko uGayton McKenzie umemezele ukuthi bonke abantu baseNingizimu Afrika bazokwazi ukuba umdlalo wamaBhokobhoko edlala ne-New Zealand ngempelasonto ezayo, ngisho bengenayo i-decoder. 

“Nginezindaba ezimnandi kakhulu…ngihlangane ne-SuperSport, futhi ngiyajabula ukunazisa ukuthi nizokwazi ukubuka umdlalo wamaBhokobhoko ne-New Zealand, noma ungenayo i-decoder,” kusho uMcKenzie.

Ubekhuluma embizweni kaMengameli e-Tsakani ngoLwesihlanu ntambama. 

AmaBhokobhoko azobhekana nama-All Blacks mhlaka-31 kuNcwaba e-Ellis Park emdlalweni wawo wesithathu we-Rugby Championship.

Le midlalo ivamise ukutholakala esiteshini esikhokhelwayo i-DStv kuphela, ngakho izigidi zabantu baseNingizimu Afrika azikwazi ukuyibuka bukhoma.

Ngenkathi uMcKenzie ethatha indima yakhe njengoNgqongqoshe wezeMidlalo, wathembisa ukwenza ezemidlalo kazwelonke zifinyeleleke kalula kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika. 

“Iphutha lethu ukuthi abantu bakithi baphuthwa imidlalo. Kumele lokho sikulungise njengosopolitiki, futhi ngihlose ukuyilungisa le nkinga njengongqongqoshe wezemidlalo,” kusho uMcKenzie.

Yize i-SABC ike yasakaza imidlalo yamaBhokobhoko bukhoma, akuvamile futhi kujwayele ukubambezeleka noma kusakazwe umdlalo sewuphelile. 

Esithombeni esingenhla: UGayton McKenzie nendebe yeNdebe Yomhlaba yebhola lombhoxo. 

Umthombo: Springboks/X

Izihloko zakamuva