Izakhamizi zaseNelson Mandela Bay sezikhathele ubugebengu

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Njengoba izinga lobugebengu liqhubeka nokukhula e-Eastern Cape, izakhamuzi zaseNelson Mandela Bay zithi sezanele ukuhlala ngokwesaba.

Yize sekujutshwe amanye amaphoyisa, izakhamuzi zase-Gqeberha zithi azinalo ithemba lokuthi ubugebengu buzophela maduze.

NgoNdasa, uMkhandlu wase-Mexico wezokuPhepha koMphakathi kanye noBulungiswa bobuGebengu ushicilele umbiko wawo wonyaka obala amadolobha angu-50 anodlame kakhulu emhlabeni. Lo mbiko ubale iNelson Mandela Bay (Gqeberha) njengedolobha eliyingozi kakhulu eNingizimu Afrika njengoba lidlula iKapa naseThekwini.

Khonamanjalo, ememezela izibalo zobugebengu zekota ngoLwesihlanu olwedlule, uKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke uFannie Masemola uthe u-Mthatha ne-Gqeberha, e-Eastern Cape izindawo ezihlonzwe njengezinezinkinga ezinkulu zokuqolwa kwemali.

Izakhamizi zithi azisazizwa ziphephile, futhi izigebengu sezikhomba imindeni eshonelwe zifuna imali yomshwalense.

Bathi intuthuko imile emalokishini aseduze nomasipala abakhulu ngoba izigebengu zifuna imali yokuvikela kubathuthukisi. Imitholampilo nezikole nazo aziphephile.

I-Scrolla.Africa ibe ne-vox pop (ihamba ixoxisana neakhamizi emigwaqweni) e-Gqeberha ukuze iqonde izinto ezenzeka nsuku zonke.

Isakhamuzi sase-Helenvale ezindaweni ezisenyakatho sithe: “Sihlala ngokwesaba; ukubulawa ngenhlamvu endaweni yangakithi yinto evamile. Nsuku zonke amalungu ezigelekeqe ayadubulana bese kucaphazeleka abantu abangenacala.

“Amasosha kuphela angasiza ekuxazululeni le nkinga. Angikholwa ukuthi amaphoyisa angakwazi ukuyiqeda ewodwa le nkinga.”

Isakhamuzi saKwaZakhele sithe abantu abasawafuni amatende emzini yabo uma kushoniwe emndenini.

“Amatende aheha izigebengu ngoba zizofika zifune imali yomshwalense. Buka nje lo dokotela othunjwe ngoba eshonelwe unina. Bebefuna ingxenye yesigidi yemali yomshwalense,” kusho isakhamuzi.

NgoNtulikazi, uDkt Bongani Qini wathunjwa amahora ambalwa ngaphambi komngcwabo kanina izigebengu okuthiwa zazifuna u-R500 000 wezicelo zomshwalense.

Isishoshovu somphakathi uMike Bukani uthe izigebengu zaseNelson Mandela Bay aziwahloniphi amasiko

“Sikhuluma ngabantu abangahloniphi ngisho amadlozi. Uma unomcimbi wesintu kumele uqashe izinsiza zokuvikela ngoba zizongena izigebengu zikuphuce wena nezivakashi zakho. Bathatha ngisho notshwala,” usho kanje.

Esinye isishoshovu somphakathi, uMnuz Pamela Mabini, sithe nakuba kutshalwe amanye amaphoyisa angu-300 kodwa ukubonakala kwawo amaphoyisa kuseyinkinga.

“Sajabula ngesikhathi ungqongqoshe ethi sizothola amaphoyisa amaningi kodwa asiwaboni emalokishini. Ubona amaphoyisa kuphela uma osopolitiki nongqongqoshe bevakashele emalokishini; mhlawumbe amasosha azokwenza umsebenzi ongcono,” kusho yena.

Ngesonto eledlule, izakhamizi zase-Gqeberha zahlela umbhikisho ozogcwala idolobha lonke wokulwa nobugebengu ngoMsombuluko kodwa wahoxiswa ngemuva kokuthi uNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi esifundazweni exwayise abantu ngokuvalwa kwemigwaqo.

IMeya yaseNelson Mandela Bay uGary van Niekerk uthembise izakhamuzi ukuthi i-NMB izoba umasipala ophephe kakhulu ngoKhisimusi.

“Lesi yisibopho engasenza ngesikhathi ungqongqoshe elapha. INelson Mandela Bay izoba ngumasipala ophephe kunabo bonke, ngomhlaka-25 kuZibandlela.”

Uthe sekuyisikhathi sokuthi umasipala usebenzise ubuchwepheshe emzamweni wawo wokulwa nobugebengu ngoba izigebengu zisebenzisa ubuchwepheshe ukwenza ubugebengu bazo.

“Ubuchwepheshe buwukuphela kwendlela yokusiza [ukulwa] nobugebengu obudlangile.”

Emhlanganweni womkhandlu ngesonto eledlule, ibamba lemenenja yedolobha uMandla George uthe amakhamera okuqapha (surveillance cameras) angu-500 asagciniwe emva kokuhlolwa futhi azofakwa maduze nje.

Esithombeni ngenhla: Abahlali baseNelson Mandela Bay emhlanganweni womphakathi ngoLwesine, lapho bebehlela khona imashi yedolobha lonke.

Umthombo: Anita Dangazele

Izihloko zakamuva