‘ISundowns ibikudinga ukuhlulwa’ – Mngqithi

Lubhalwe nguMichael Madyira

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi, ubona ukushaywa kwabo yiStellenbosch FC ngo 1-0 emlenzeni wokuqala we-semi final ye-MTN8 kuyinto ebavuse emaqandeni.

Ukuhlulwa manje kusho ukuthi iSundowns kumele inqobe umlenze wesibili ngeSonto ukuze idlulele phambili.

Ngemuva komdlalo obungoLwesithathu eLucas Moripe Stadium, uMngqithi uthe ukuhlulwa kungase kube kuhle eqenjini ngokuhamba kwesikhathi.

“Mhlawumbe besikudinga ukuhlulwa njengendlela yokuvuka emaqandeni ngoba uma uqhubeka nokuwina njalo, ngisho noma ungadlalanga kahle, kungakwenza uzizwe sengathi uzowina njalo,” kusho uMngqithi etshela i-SuperSport TV.

Ukholelwa ukuthi ukuhlulwa kuzosiza iqembu libone ukuthi kumele lithuthuke futhi uyalethemba ukuthi lizokwenza kangcono emlenzeni wesibili.

UMngqithi uselawula ngokuphelele leli qembu kule sizini kulandela ukushiya kukaRhulani Mokwena.

Nokho iSundowns iqale kabi, okuhlanganisa nokudinga isikhathi esengeziwe ukuze ihlule iPolokwane City ngo 1-0 emdlalweni wokuvula we-MTN8. Nakhona igoli lokuwina liqhamuke kwizimbangi.

ISundowns iphinde yathwala kanzima ibhekene neStellenbosch, yahlulwa ekhaya, kanti uMngqithi uyavuma ukuthi kusenomsebenzi okufanele wenziwe.

“Iseyinde indlela, kodwa siyazazi ukuthi siyiSundowns,” esho.

“Kulindeleke ukuthi sithole imiphumela kuyo yonke imidlalo, futhi ngikholwa wukuthi sizoyithola.  Ngikholwa nokuthi emlenzeni wesibili wama-semi final, uzobona iqembu elihluke ngokuphelele.”

IStellenbosch izosingatha lo mdlalo ngeSonto eMoses Mabhida Stadium, njengoba kusalungiswa inkundla abayijwayele, i-Danie Craven Stadium.

Esithombeni ngenhla: Umgadli weMamelodi Sundowns, uTashreeq Matthews, uphonselwa inselelo ngumdlali weStellenbosch, uLehlohonolo Mojela.

Umthombo: Mamelodi Sundowns

Izihloko zakamuva