Dylan Bettencourt
NgoLwesine i-World Rugby imemezele ukuthi i-Spain sikhishiwe kwi-Ndebe yoMhlaba yango-2023 ngemuva kokutholwa sinecala lokudlalisa umdlali ongafanelekile.
Bazothathelwa indawo yi-Romania.
Umdlali okukhulunywa ngaye nguGavin van den Berg odabuka eNingizimu Afrika.
“Ngokuya ngelungelo le-Spain lokudlulisa icala, ukubanjwa kwamaphuzu angu-10 okusetshenziswe ohlwini lokuhlungela iNdebe Yomhlaba Yebhola lombhoxo yango-2023 kusho ukuthi i-Romania izongena kwi-Europe 2 ku-Pool B esikhundleni se-Spain,” kusho isitatimende se-World Rugby.
UVan den Berg ubedlala ibhola lombhoxo e-Spain kusukela ngo-2018 kodwa akakaze afeze izidingo zokuhlala ukuze avunyelwe ukudlalela izwe lase-Europe.
Umthetho we-World Rugby uthi noma yimuphi umdlali kumele ahlale kuleli iminyaka emithathu ngaphandle kokuphazamiseka ngaphambi kokuthi amele iqembu.
Lo mdlali (26) usedlale imidlalo emibili kuphela e-Spain, eyokuhlungela ne-Netherlands ngo-2020 nango-2021.
“I-Spain sinelungelo lokudlulisa icala zingakapheli izinsuku ezingu-14 kusukela osukwini lwesinqumo esibhalwe phansi sekomidi,” kwengeza i-World Rugby.
Isigungu esilawulayo siqale ukuphenya ngalo mdlali ngoNdasa saze safinyelela esiphethweni saso ngoLwesine, sakhipha uhlangothi lwase-Spain kulolu hlelo.
Isitatimende esivela kumfelandawonye webhola lombhoxo e-Spain sifundeka kanje: “Ngemuva kokuqulwa kwamacala omlomo ngoLwesine, ngomhlaka-28 kuMbasa nekomiti elizimele eliqokwe yi-World Rugby ukuthi licwaninge ngesimangalo se-Romanian Rugby Federation (iFRR) mayelana nokufaneleka kukaGavin van den Berg …
“Isigungu esiphakeme kunazo zonke kumbhoxo emhlabeni sinqume ukujezisa i-Spain ngo-£25,000 (u-R420,000) futhi sikhiphe amaphuzu amahlanu emdlalweni ngamunye kwemibili lo mdlali abekleliswe kuyona.”
Lo mdlali odabuka eNingizimu Afrika udlalela i-Club Alcobendas Rugby yase-Spain, uqale imidlalo eyisishiyagalolunye kwengu-15 kule sizini.
I-Spain siqede isibili kwi-Rugby Europe Championship ukuze sikwazi ukuhlungela obekungokwesibili ukudlala kwiNdebe yoMhlaba ye-Rugby, ngemuva kokubonakala kwayo okokuqala ngo-1999.
Umthombo wesithombe: @TheMirror