Isivumelwano ngoMofokeng sokuya e-Belgium saphothulwa ngaphambi kweNdebe yoMhlaba

Lubhalwe nguDylan Bettencourt

I-Orlando Pirates ithi yavumelana ne-Union Saint-Gilloise ngaphambi kweNdebe yoMhlaba kodwa yakubambezela ukumenyezelwa kuze kubuye iBafana.

UHugo Broos uthi uRelebohile Mofokeng uzokhula eBelgium, kodwa abalandeli kumele bamnikeze isikhathi ukuze aqine.

Ukuya eBelgium uRelebohile Mofokeng bekuvele kulindiwe ngesikhathi egijima kuBafana Bafana eNdebeni yoMhlaba.

I-Orlando Pirates isivumelene neRoyale Union Saint-Gilloise ngokudayisa lo mdlali oneminyaka engu-21 ubudala.

IPirates ithe la maqembu womabili avumelene ngemali yokudayiselana ngabadlali nokuthi isivumelwano sizohlelwa kanjani. Kodwa umnyakazo akakapheli.

UMofokeng kusamele aphumelele ukuhlolwa kwezokwelashwa futhi avumelane neqembu elidlala kwiBelgian Pro League.

IPirates ithe isivumelwano ne-Union Saint-Gilloise safinyelelwa ngaphambi kokuqala kweNdebe yoMhlaba yeFifa.

La maqembu anqume ukuthi angakumemezeli lokhu kuze kuphele umqhudelwano ukuze uMofokeng agxile kuBafana.

IPirates iphinde yathi ibifuna agijime kweNdebe yoMhlaba eyingqophamlando eNingizimu Afrika.

UMofokeng usuke eLos Angeles ngoLwesibili walibangisa eBelgium, lapho kulindeleke ukuthi aphothule khona ukuhlolwa.

I-Union Saint-Gilloise isibe ngelinye lamaqembu aphezulu eBelgium futhi izodlala emzuliswaneni wokugcina wokuhlungela i-Uefa Champions League ngesizini ezayo.

Umqeqeshi weBafana uHugo Broos uthe lesi senzo sihle kuMofokeng, kodwa waxwayisa abalandeli ukuthi bangalindeli okukhulu kakhulu.

“Kuyinto enhle kuyena, uzothuthuka,” kusho uBroos kuSABC Sport.

“Kodwa futhi ngicabanga ukuthi akumele silindele kusukela ngosuku lokuqala azodlala ngalo. URele kufanele aqine.”

UBroos uthe ibhola laseBelgium lizomvivinya uMofokeng ngokomzimba.

“Kuwumqhudelwano onzima eBelgium futhi ezinyangeni ezinhlanu noma eziyisithupha zokuqala kuzoba wukuqina kwakhe,” kusho yena.

“Ungumdlali onekhono. Uma esenamandla awadingayo, umqhudelwano onjalo ngeke ube yinkinga.”

UMofokeng ubengomunye wabadlali abagqamile kuBafana kwiNdebe yoMhlaba.

Uhlabeke umxhwele ngemuva kokungena ekhefini zibambana ngo 1-1 neCzechia, wabe esedlala indima enkulu ngesikhathi elakuleli lishaya iSouth Korea ngo 1-0 lafinyelela esigabeni somkhumulajezi.

UBroos umangaze abantu abaningi ngesikhathi ekhipha uMofokeng ngesikhathi sekhefu emdlalweni (Last 32) weBafana neCanada.

Ngemuva kwalokho iNingizimu Afrika ingenelwe yizembe ngesikhathi ihlulwa ngo 1-0 eSoFi Stadium, eLos Angeles.

IPirates ithe ngeke iphawule kakhulu kuze kuphothulwe uhlelo phakathi kukaMofokeng ne-Union Saint-Gilloise.

Esithombeni esingenhla: URelebohile Mofokeng usezoyishiya i-Orlando Pirates aye eRoyale Union Saint-Gilloise yaseBelgium.

Umthombo wesithombe: Orlando Pirates

Izihloko zakamuva