Isimo somnotho esintengayo emhlabeni asiliphazamisanga ibhizinisi lensizwa yaseNquthu le micimbi

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Usomabhizinisi wakwaLuvisi eNquthu wehlise umthwalo kunkosikazi wakhe ngokuthi izidingo zanyanga zonke zingabisemahlombe omholo wakhe.

UMnuz Sandile Buthelezi unebhizinisi lokuqashisa ngamatende nangezipikha uma kunemicimbi eyahlukene elibizwa ngokuthi Inqaba Communications.

Kodwa nakuba umthwalo unzima kwezamabhizinisi ngenxa yesimo somnotho nempi eqhubekayo phakathi kweMelika nezwe i-Iran, amabhizinisi amaningi kuleli ashayekile ngenxa yokunyuka kukaphethiloli nodizili.

UButhelezi uthi yize kunjalo kodwa ukubambisana njengomndeni kwenze ibhizinisi labo lakwazi ukumelana nezimo zomnotho ontengayo.

“Nakuba umama esebenza kodwa senza isiqiniseko sokuthi umholo wakhe wenyanga awubinengcindezi.

Ukwenza nje isibonelo uma izingane kukhona ezikudingayo akuze kube ukuthi silinda umholo wakhe kodwa ukubanendlela yokubeka imali kuyasisiza ekutheni sikwazi ukubhekana nesimo somnotho ontengayo ezweni.,” kusho uButhelezi.

Eqhuba uthi okunye okubasizayo ebhizinisini ukuthi amakhasimende abo abantu abasuke beyibekile imali ukuze uma sekwenziwa umsebenzi bangabinankinga.

Kuzokhumbuleka ukuthi iDurban Chamber of Commerce and Industry ikeyakhipha umbiko ngesimo esibhekene nabahleli bemicimbi njengoba abanye bebanenkinga yokuthola abaxhasi bemicimbi nokubalimaza kakhulu.

UButhelezi uthe nakuba amabhizinisi ebhekene nezinkinga kodwa okwabo kuhlukile ngenxa yohlobo lwanakhasimende abasebenza nabo.

Uthe imishado,imingcwabo neminye imicimbi abayenzayo ayihluphi ngoba abanikazi bayo basuke bezihlelele futhi akubona abantu abenza izinto ngesikweletu uma bekuqashile emicimbini yabo.

UButhelezi uthe namaqembu ezombusazwe kulesi sikhathi ayabaqasha njengoba ematasa nemikhankaso.

Izihloko zakamuva