Kamogelo Olaitan
Amaphoyisa ase-Nigeria athungatha owesifazane othwetshulwe enza ucansi nenja kwividiyo esabalale ku-TikTok.
Kwividiyo yesibili lona wesifazane uthi ukhokhelwe isamba semali elinganiselwa ku-R65 000 ukuze alale nenja.
“Yini eyinkinga lapho? Ngilale nenja kuphela, angizange ngibulale muntu. Nina, ezimpilweni zenu, nenze okubi kakhulu futhi ngaphandle kwalokho, uke wabona i-N1.7 million phambilini? Nenza sengathi kuyinto enkulu.”
Owesifazane, okungaziwa ukuthi ungubani, wengeze ngokuthi akazange athole isifo ngaleso senzo socansi.
“Khumbulani ukuthi anginalo igciwane noma enye into. Yekani ukugxila odabeni, ngiyayijabulela imali,” esho kwividiyo.
Kwividiyo yesithathu lo wesifazane uthe usabalalise le vidiyo njengehlaya ukuze athole “ukuthandwa” ezinkundleni zokuxhumana, kodwa uzisola kakhulu manje.
Kuthiwa la mavidiyo aqoshwe e-Nigeria kodwa amaphoyisa asaphenya ngendawo aqoshelwe kuyona.
Ngokomthetho we-Criminal Code Act ne-Penal Code yase-Nigeria, ukuya ocansini nesilwane kuyicala elibomvu elinesigwebo seminyakeni engu-14 ejele.
Okhulumela amaphoyisa ase-Nigeria uMuyiwa Adejobi uthe ukufakwa kwamavidiyo alolu hlobo kwi-internet ngeke kubekezelelwe.
U-Adejobi uphinde wafunga wagomela ukuthi amaphoyisa azobopha owesifazane okule vidiyo.
“Sifuna ukuninxusa ukuthi nisinikeze noma yiluphi ulwazi oluwusizo mayelana nendlela yokuthola laba besifazane. Sidinga ukubathola. Siyabonga,” kusho u-Adejobi.
