Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Ezobukhosi:Ingonyama uMisuzulu kaZwelithini ibuyise ithemba esizweni imemezela ukuvuselela isigodlo saseMbelebeleni kwaMashu esasala ngenxa yempi eyayingoDkt Nelson Mandela noMntwana uMangosuthu Buthelezi kubangwa uMdlokombane.
Le mpi yezepolitiki phakathi kwe-IFP ne-ANC yagcina ngokuthi kuhlaselwe lesi sigodlo kwadutshulwa uMntwana uSibuyiselwe noNdlunkulu uBuhle kaMathe wakwaDlamahlahla.
UMdlokombane wacasuka kakhulu ngalesi senzo, wathutha uNdlunkulu wamyisa kwaNongoma kwaDlamahlahla.
Kusuka lapho akaphindange walubhada eMbelebeleni.
Ngenxa yalokho lesi sigodlo sasala dengwane nokwakusho ukuthi uMashu ususele ehlane.
NgoLwesibili iNdlulamithi imemezele ukuthi iyasivuselela lesi sigodlo ukuze sibuyele ekubeni ikwaNdabazabantu nennhloko kaZulu emele imiphakathi ehlala emadolobheni.
INdlulamithi ithi umuzi waseMbelebeleni uzovuselelwa ubeneSo leSilo njengoba kwakwenzeka kudala.
Lesi sigodlo besisebenza njengemuzi kaMengameli lapho esuke ebamba khona imihlangano nezikhulu zamazwe omhlaba.
Kulokhu lesi sigodlo umsebenzi waso ukuba sibuyele kwinhlosongqangi yaso nokuyilapho Ingonyama ibamba imihlangano namakhosi nezikhulu zikaHulumeni nabatshalizimali.
Okunye ukuthi ukuvuka kwalesi sigodlo kusho ukuthi nentuthuko kubantu bakwaMashu isizoba seduze njengoba sekuzophoqa ukuba uHulumeni asinake ukuze sibesezingeni eliphezulu.
Okwamanje kusakhalwa ukuthi asikho esimeni esifanele iSilo.
Lesi sigodlo besenza uma sekungena uMashu emikhosini kaZulu kubenenhlokomo kuthiwa sekungena umuzi waseMbelebeleni.
