Isihluku kudlwengulwa kwabulawa intombazane (18) ngoNcibijane 

Lubhalwe nguSongeziwe Mapukata

Umndeni wakwaNomaphelana ubungacabangi ukuthi uzoqala unyaka kabi njengoba indodakazi yawo (18) idlwengulwe yagwazwa amanxeba angaphezu kuka-20 ngeSonto ebusuku.

USinelizwi Nomaphelana wasuka kubo esigodini sase-Ntsundwane eNgqeleni ngobusuku bokuqala onyakeni eyobungaza nezingane zakubo.

Umamncane kaSinelizwi ophatheke kabi uPhuthuma Nomaphelana utshele i-Scrolla.Africa ukuthi izingane ziye zaphuma zahamba zodwa zaya ethaveni yendawo kodwa zimbili kuphela ezibuye ekhaya ngalobo busuku ngehora lesibili ekuseni.

“Bathe usale nesoka lakhe ngesikhathi ngibabuza ukuthi bamshiyeleni,” esho.

UPhuthuma uthe ngesikhathi eshayela isoka likaSinelizwi ucingo ngalobo busuku, liye lamtshela ukuthi lisayohlala kancane ethaveni kanti uSinelizwi uye wanquma ukuhamba yedwa ebheke ekhaya.

Ukholelwa ukuthi umshana wakhe kungenzeka ukuthi uye wadlwengulwa wabulawa esendleleni ebuyela ekhaya.

Omunye wabazifikela mathupha endaweni yesigameko ikhansela lesigceme uZilindile Hibhane, uthe uke waba nenkinga yokulala ebusuku ngemuva kokubona isidumbu sikamufi.

“Ingane ibinamanxeba okugwazwa angu-19 ngaphambili, kwase kuba namanye angu-8 emhlane,” kusho ikhansela litshela i-Scrolla.Africa.

Elinye ilungu lomphakathi ebelidinwe ligane unwabu lingene ezinkundleni zokuxhumana lathuka umphakathi ngokwehluleka kwawo ukukhombisa ukungalubekezeleli udlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.

U-Ongeziwe Soqhayiya wengeze ngokuthi kube nesinye isigameko sokubulawa kwesalukazi, athe umphakathi nabaholi bawo abasinakanga.

“Yize saziwa isigebengu esibulale leyo ngane kodwa akukho okuzokwenziwa kuso,” ebhala.

Amalungu omphakathi athole isikhwama semali eduze kwesidumbu kanti kukholakala ukuthi ngesalesi sigebengu okukhulunywa ngaso.

Abakwa-SAPS abazange basiphendule isicelo se-Scrolla.Africa sokuphawula ngesikhathi sokushicilela.

Esithombeni esingenhla: USinelizwi Nomaphelana

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva