Isihlabani sePirates sibuyele kumaSuper Eagles

Lubhalwe nguMichael Madyira

Iqembu lesizwe lase-Nigeria selibuyisele emuva umdlali wasemuva we-Orlando Pirates u-Olisa Ndah emdlalweni walo wokuhlungela i-Africa Cup of Nations ka-2025 ne-Benin ne-Rwanda.

UNdah ufakwe eqenjini lama-Super Eagles ngosuku olufanayo i-Nigeria Football Federation imemezele uBruno Labbadia njengomqeqeshi omusha. 

ULabbadia, owayengumqeqeshi we-Bayer Leverkusen, ungena esikhundleni sikaFinidi George futhi manje usengumqeqeshi ka-37 ukuphatha ama-Super Eagles.

Lo mdlali wase-Germany oneminyaka engu-58 ubudala uthatha umsebenzi wakhe wokuqala ngaphandle kwezwe lakubo, ukuqeqesha i-Nigeria njengoba behlose ukuhlungela i-Africa Cup of Nations ezoba se-Morocco ngo-2025 kanye neNdebe Yomhlaba yeFifa ka-2026.

I-Nigeria isike yabhekana nezinselelo ngabaqeqeshi abathathu abahlukene kulo nyaka.

UGeorge, olandele uJose Peseiro, ukwazile ukuqeqesha emibili kuphela yokuncintisana. 

Umkhankaso we-Nigeria wokuhlungela iNdebe yoMhlaba uhlanganisa nokuba seqoqweni elilodwa neBafana Bafana, abambane nayo ngo 1-1 ngoNhlangulana.

Lo mphumela uvumele elakuleli ukuthi livale igebe kuGroup C okumanje lihlezi endaweni yesibili.

I-Nigeria izokwamukela i-Benin ngomhlaka-7 kuMandulo, bese kulandela umdlalo wasekuhambeni ne-Rwanda ezinsukwini ezintathu kamuva. 

UNdah, ogcine ukudlalela i-Nigeria ngoMasingana ka-2022, ubuyiselwe emuva kokubuyisela ifomu kuPirates ngesiwombe sesibili sesizini edlule.

Lo mdlali oneminyaka engu-26 ubudala useke waba ngukaputeni wePirates kweminye yemidlalo yokulungiselela isizini yase-Spain kanye nomdlalo wasekuhambeni weCAF Champions League neCS Disciples. 

Omunye obizwe esikwatini samaSuper Eagles ngunozinti weChippa United, uStanley Nwabali. 

Isithombe esingenhla: Umdlali wasemuva we-Orlando Pirates u-Olisa Ndah ngaphambi nje kokuba amaBhakabhaka abhekane neCS Disciples koweCAF Champions League.

Umthombo: I-Mauritius Football Association

Izihloko zakamuva