Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
UJacob Yende, (75), wagwetshwa udilikajele, kodwa lokho akuzange kumvimbe ekwenzeni ubugebengu yize eboshiwe.
UYende wasabisa futhi wazama ukuqola imali ungqongqoshe wezasekhaya ngaleso sikhathi, uDkt Aaron Motsoaledi, ngesikhathi esejele lase-Witbank.
Kodwa oKlebe bambopha, wabe esevela eNkantolo yeMantshi yasePitoli ngoLwesine mhlaka-29 kuNcwaba ngamacala okusabisa nokuqola. Icala lihlehliselwe umhlaka-9 kuMandulo lapho ezomelwa khona abameli bakhe.
Okhulumela oKlebe, uColonel Katlego Mogale uthe: “Kwabikwa ukuthi ngomhlaka-29 kuZibandlela 2022, uNgqongqoshe wezaseKhaya, uDkt Aaron Motsoaledi, okumanje osenguNgqongqoshe wezeMpilo, wathola izingcingo ezimsabisayo ezilandelwa yimiyalezo ye-WhatsApp evela kumsolwa ozibiza ngoVusi.
UVusi wasola abathile ukuthi bamqashe ukuba abulale ungqongqoshe ngenxa yesikhundla sakhe futhi ubesevele ekhokhelwe u-R40 000 phambilini yilowo okuthiwa ngungqondongqondo,” kusho uMogale.
UMogale uthe uVusi waveza ukuthi imali esele engu-R20 000 izokhokhwa uma eqeda umsebenzi wakhe.
UVusi wabe esecela u-R80 000 ukuthi ufakwe ebhange lase-Capitec njengoba ebona sengathi ungqongqoshe uhloniphekile futhi unomusa.”
Uthe lolu daba lwabikelwa oKlebe, kwavulwa icala lokusabisa nokuqola e-Brooklyn SAPS.
Uphiko lwe-Serious Economic Offences lwanikeza uYende amasamanisi ngomhlaka-29 kuNtulikazi ngamacala okusabisa nokuqola.
Kwenziwa umkhankaso wokusesha ejele, lapho kwashaqwa khona omakhalekhukhwini abaningi kanye nama-SIM card.
“Kwatholwa izitatimende zesexwayiso eziboshweni eziyisishiyagalombili ezigwetshiwe, esinye sazo esingumnikazi we-akhawunti yasebhange lakwa-Capitec eyanikezwa ungqongqoshe.
Osesithombeni ngenhla: UDkt Aaron Motsoaledi.
Umthombo: dha.gov.za