Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
USibusiso Mfazwe, wasesigodini saseMfadaleni ePort St John’s, e-Eastern Cape, ubonga iScrolla.Africa ngokushicilela udaba lwakhe lwebhizinisi lamalahle ekuqaleni kwalo nyaka.
Le nsizwa eneminyaka engu-28 yaqala ibhizinisi layo ngo-2021, futhi selikhulile kusukela kwabelwana ngodaba lwakhe.
“Ngesikhathi iScrolla.Africa ishicilela udaba lwami, bengingakaze ngicabange ukuthi ingangivulela iminyango eminingi kangaka. Ngijabule futhi angizikholwa zonke izinto ezinhle ezenzekayo,” usho kanje.
Umasipala waseMount Ayliff ucele uSibusiso ukuthi afundise intsha engu-20 ukwenza amalahle.
“Leli iphupho lifezekile,” usho kanje. “Bengilokhu ngifuna ukufundisa abanye ukwenza amalahle ukuze bakwazi ukuziqalela amabhizinisi abo. Ukube bekungeyona iScrolla.Africa, angicabangi ukuthi ngabe ngilitholile leli thuba.”
USibusiso uchithe amasonto amane eqeqesha intsha eMount Ayliff kanti uhlela ukuvakashela nakwezinye izindawo e-Eastern Cape ukuze enze okufanayo.
“Ngenxa yokuntuleka kwemisebenzi, ukucobelelana ngolwazi kuzosiza abantu abasha ukuthi benze okuthile okuwusizo ngesikhathi kusalindwe uhulumeni ukuthi adale amathuba emisebenzi,” usho kanje.
Ngaphandle kokuthola amakhasimende amaningi, uSibusiso uphinde wathola uxhaso lokukhulisa ibhizinisi lakhe.
“Uxhaso luzongisiza ukuthi nginwebe, futhi ngiyabonga ngokungeseka,” usho kanje.
USibusiso usefuna ukuqasha abantu abaningi.
“Nginabantu abangu-8 abangisebenzelayo njengamanje, ngoxhaso nginethemba lokuthi ngizoqasha abanye. Entsheni edonsa kanzima ukuthola imisebenzi, ngiyayigqugquzela ukuthi ibheke amathuba,” usho kanje.
Osesithombeni esingenhla: USibusiso Mfazwe wasesigodini saseMfadaleni ePort St John’s uthole uxhaso kanye namakhasimende engeziwe ngemva kokuba iScrolla.Africa ishicilele indaba yakhe.
Umthombo: Sithunyelwe
