Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Inhlangano ebhekele ukuthuthukiswa kwabalimi abasafufusa okuyiSouth african Farmers Development Association (SAFDA) igudluze ubuholi bayo obuphezulu ngemumva kwezinsolo zenkohlakalo ezidalulwe inhlangano Izwi Labantu Forum.
Lezi zinsolo zenziwe ngenyanga eyedlule uNksz Noma Mbatha emaphoyiseni asePitoli, wadalula ukuthi izikhulu zakwaSAFDA bezizitamuzela imali ngokuzicebisa zizithengela imizi nezimoto zikanokusho.
Uqhuba ngokuthi kukhona nenye imali le nhlangano engakwazi ukuchaza ngayo ukuthi yenzeni kodwa okuvela izinsolo zokuthi ibisaphazwa udede kukhokhelwa nezikhulu zoMnyango wezolimo kuleli kanye nezingane zosopolitiki ezikoleni ezibizayo.
NgokukaMbatha lemali ingaphezulu kuka-R107 million edliwe bume ngenxa yenkohlakalo abathi ibiyenzeka kule nhlangano ebhekene nomsebenzi wokuthuthukisa abalimi abasafufusa nokubasiza bakwazi ukubhekana nezimo ezinzima kusuka kwisomiso kuya kwizimo zomnotho ezahlukene ezithinta le ndima.
Nakuba iSAFDA izichithile njengento engamanga aluhlaza lezi zinsolo ezenziwa Izwi Labantu Forum, kodwa ngoLwesine uSihlalo webhodi uDkt Siyabonga Madlala umemezele ukuthi benze izinguquko ebuholini ngemumva kokuthi isigungu esiphezulu senhlangano siphakamise ukuba izikhulu ebeziphethe zishenxe.
UMnuz Anwhar Madhanpall umenyezelwe njengesikhulu esibambile benoMnuz Sfiso Mnguni nokuyinto le nhlangano eveza ukuthi yenzela ukuthi kubenozinzo ngesikhathi kulungiselelwa abazophatha lezi zikhundla ngokugcwele.
UMadlala uthe lezi zikhulu zombili zinamava abaluleke kakhulu nasize ukuthi iSAFDA ikwazi ukwenza umsebenzi ngempumelelo ezikhundeni abebekuzo phambilini ngokugcwele.
Le nhlangano ibuye yavumelana ukuthi izohlalaphansi nabeZwi Labantu Forum ukuze kuxoxiswane ngezinsolo ezivezwe yibo ngenyanga eyedlule zenkohlakalo.
