Iqembu lezigelekeqe elikhokhisa imali yokuvikela selifake izikole ohlwini lwalabo elibagebengayo 

Lubhalwe yizintatheli ze-Scrolla

Amabhizinisi nezikole eNingizimu Afrika kusengozini ngenxa yeqembu lezigelekeqe elikhokhisa imali yokuvikela, osekuphoqe abaningi ukuthi bavale ngenxa yokusatshiswa ngokuchitheka kwegazi.

Umnikazi webhizinisi waseMthatha ongathandanga kudalulwe igama lakhe ukuze avikeleke, udalule ukuthi ubekhokha u-R100 000 njalo ngenyanga ezigebengwini ngonyaka odlule. 

“Ngikhathele futhi umndeni wami uhlala ngokwesaba. Ibhizinisi lami belidonsa kanzima kusukela kwabheduka i-Covid, manje nginqume ukulivala ngoba angisakwazi ukumelana nalokhu. Ngiphatheka kabi ngabasebenzi bami, kodwa akukho engingakwenza,” kusho yena.

Ungoti wezokunakekelwa kwamehlo eMthatha naye uvale ibhizinisi lakhe, iMthatha Ophthalmology Medical Practice, ebalula izenzo zobugebengu ezinobutha njengesizathu sesinqumo sakhe esitatimendeni sangesonto eledlule.

Mumva nje izikole endaweni yaseMthatha West nazo zibe yizisulu zale mizamo yokuqola imali. 

ISilo sesizwe sabaThembu uBuyelekhaya Dalindyebo usenqume ukusukumela phezulu ngemuva kokuthi othishanhloko abane bebike ukuthi basatshiswa yizigebengu ezifuna imali yesikole. 

UPrincess Ntando, okhulumela iSilo, utshele iScrolla.Africa ukuthi iphini likathishanhloko elilodwa lishaywe phambi kwabafundi baseLaphumikhwezi Primary School ngemuva kokunqaba ukukhipha imali yesikole. 

“ISilo sabaThembu siphatheke kabi kakhulu ngoba izingane ziyasaba ukuya esikoleni, nothisha bazizwa bengaphephile yingakho inkosi izoba nomhlangano esikoleni ngoLwesibili ukuze kutholwe isixazululo saphakade,” usho kanje.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo e-Eastern Cape, uMalibongwe Mtima, ukuqinisekisile ukuthi izikole ezintathu okuyiLaphumikhwezi Primary, Efata School for the Blind, neMandela Primary zibhekene nenkinga, kanti isesine esingakaqinisekiswa. 

Khonamanjalo, KwaZulu-Natal izindawo ezifana noMlazi, iLamontville, eMpangeni ngaseRichards Bay zaziwa njengezindawo zokuqola abantu, lapho abadayisi basemgwaqweni nabashayeli be-Uber Eats bephoqeleka khona ukuthi bakhokhe kusukela ku-R50 ngosuku.

Emalokishini aseWestern Cape, ​​amaqembu amaningi ezigebengu aqoqa imali yokuvikela kubathengisi, okuphoqa abaningi ukuthi bavale amabhizinisi abo. 

Abayeka ukukhokha bavunyiswa ukuthi badayisele izigebengu izimpahla, bese zithatha yonke inzuzo.

IPhini likaNgqongqoshe wezokuVikela uBantu Holomisa naye uthe ukungenelela kwamasosha ngeke kuxazulule ukuqoqwa kwemali yokuvikela.

Esithombeni esingenhla: ISilo sesizwe sabaThembu uBuyelekhaya Dalindyebo osenqume ukungenelela njengoba amaqembu ezigebengu aqoqa imali yokuvikela ehlukumeza amabhizinisi nezikole eMthatha.

Umthombo: Facebook

Izihloko zakamuva