Sizwe Sibiya
Wake wafisa ukubuyisela isikhathi emuva ubone amaqembu adumile ecula izingoma zakho ozithandayo bukhoma?
Ngenhlanhla, isifiso sakho singenzeka. Kodwa hhayi uma uhlala eNingizimu Afrika.
I-Fugees – okuyiqembu elidumile laseMelika le-Hip Hop leminyaka yama-1990s – belinamalungu amathathu: uLauryn Hill, uWyclef Jean kanye noPras Mchel.
Sekuyiminyaka eyi-15 bengaculi ndawonye njengoba bebegxile emisebenzini yabo ngabodwana.
Manje bazohlangana futhi bavakashele amazwe ayi-12 emhlabeni jikelele ukugubha iminyaka engama-25 ye-albhamu yabo yodumo i-The Score, ngamaculo afana no-“Killing Me Softly” nelithi-“No Woman, No Cry”. I-Score ithathwa njengenye yama-albhamu abaluleke kakhulu futhi eshise izikhotha umhlaba wonke isikhathi eside.
E-Afrika, yi-Nigeria ne-Ghana kuphela abazofakaza ngomlando ozokwenziwa ngalaba abathathu kulo Zibandlela ozayo. Kodwa, ngeshwa, uMzansi ushiywe ngaphandle.
Lolu hambo luqale ngombukiso ohamba phambili ongalindelekile ngoLwesithathu ebusuku e-New York City. Uhambo olukhulu luzoqala e-Chicago mhla zimbili kuLwezi.