I-Pakistan ivuke yazicosha ngemuva kokuhlulwa amahlandla amane kulandelana ukugcina amathemba okudlala kwi-semi final yeNdebe yoMhlaba ngokunqoba umdlalo ngamawikhethi ayisikhombisa behlula i-Bangladesh e-Kolkata ngoLwesibili.
Emuva kokucelwa ukuthi aphose kuqala endaweni eyomile yase-Eden Gardens, uShaheen Afridi uqale kahle washaya amawikhethi amabili ku-powerplay.
UMahmadullah ube umshayi magoli ohamba phambili eshayela i-Bangladesh amaphuzu angu-56 emabholeni angu-70 phakathi nendawo, kodwa u-Afridi umkhiphile ngemuva nje kwephuzu kuma-innings.
Bekuhloswe amaphuzu angu-205 kanti nabadlali be-Pakistan bakwenze kwalula njengoba befinyelele kuma-runs angu-128 ngaphambi kokuhlulwa kwi-wicket yabo yokuqala.
UFakhar Zaman ube yisihlabani ngamaphuzu angu-81 emabholeni angu-74 kwathi u-Abdullah Shafique wathola angu-50 esine emqhudelwaneni.
UMehidy Hasan uthole amawikhethi amathathu, kodwa bekungeke kwanele ku-Bangladesh njengoba beshaywe ngokuphelele sekusele ama-overs angu-17.
Ukuhlulwa amahlandla ayisithupha emqhudelwaneni kusho ukuthi i-Bangladesh iyiqembu lokuqala elikhishwe kulo mqhudelwano kanti i-Pakistan isasele ukulwa olunye usuku.
Bazobe beseka ama-Proteas uma sebebhekene ne-New Zealand ngoLwesithathu, kanti ama-Black Caps nama-Aussies amaqembu azodinga ukulahla amaphuzu uma kungenzeka kwenzeke izimanga zase-Pakistan.
Esithombeni esingenhla: UFakhar Zaman
Umthombo wesithombe: @therealpcb
