Inyathi ebibhodla umlilo ibulale ubaba ezama ukusindisa abanye abantu

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Kushone ubaba ezama ukuhlenga abanye kwinyathi ebibhodla umlilo KwaNongoma, kwalimala kabi abanye abesilisa ababili.

Umndeni wakhe ufuna kwenzeke ubulungiswa esiqiwini iThanda njengoba usulahlekelwe yimfuyo ngenxa yamabhubesi eqa ngonyaka odlule.

Inyathi yasendle yenze abantu KwaNongoma basabela izimpilo zabo, ngemuva kokubulala owesilisa kwalimala kabi ababili ngoLwesine.

U-Andries Nkosi ushone ezama ukuhlenga umfana osemncane nezinja zakhe kwinyathi ebithukuthele iphuma ehlathini eliseduze esigodini saseMduna ngezithuba zabo-18:00.

Indodana yakhe, uSibusiso Nkosi, itshele iScrollla.Africa ukuthi uyise uphuthume ukuyosiza ngemva kokuzwa othile ememeza.

“Ngesikhathi ubaba efika ezosiza inyathi yamhlasela ngezimpondo yamlimaza kabi, washonela khona lapho, yabe isihlasela omunye obepake imoto yakhe ethi uzosiza, bobabili abalimele baphuthunyiswe esibhedlela i-St Benedictine, kodwa ubaba ubeseshonile,” kusho uNkosi.

Ngesikhathi iScroll.Africa ivakashele lo mndeni, izihlobo zazisanda kuthola lezi zindaba. Ukukhala kwabo okubuhlungu kwakutshengisa ukuthi babephatheke kabuhlungu.

Umndeni wakwaNkosi ufuna ubulungiswa eThanda Safari Private Game Reserve, ukholwa ukuthi inyathi yeqe lapho. Izikhulu zalesi siqiwu zifike endaweni yesigameko ngoLwesine ebusuku ngesikhathi umndeni usalinde amaphoyisa neveni yamakhaza.

Abaphathi beThanda bathembise ukuthi bazoyibamba inyathi ngoLwesihlanu.

Akukhona okokuqala lo mndeni uhlupheka ngenxa yezilwane zasendle ezeqe esiqiwini. Ngo-2023, amabhubesi aphuma esiqiwini iMfolozi adla imfuyo yawo eningi.

USomlomo kaMasipala waKwaNongoma uBabongile Sithole uthe umphakathi wethukile. Ugxeke abaphathi beThanda ngokuthi bathi inyathi isukelwe, bekhombisa ukuzwelana nomndeni walowo oshonile.

Isikhulu seThanda Safari Private Game Reserve uPierre Rouw utshele iScroll.Africa ukuthi basabheka ukuthi inyathi ngeyabo yini.

“Sizobuyekeza uma sesazi ukuthi inyathi ngeyethu noma iMfolozi Game Reserve,” kusho uRouw.

Esithombeni esingenhla: Inyathi ephunyukile.

Umthombo: I-screenshort

Izihloko zakamuva