Intsha yakwaHlabisa yelulekwe ngesilomo seBafana Bafana uMbekezeli Mbokazi

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Intsha yaseBig Five Hlabisa yelulekwe ngomdlali weBafana Bafana ongaconsi phansi kwindebe yomhlaba eqhubekayo eMelika uMbekezeli TLB Mbokazi ukuba isike iphethini kuye ngokuba isibonelo esihle emhlabeni jikelele.

Lokhu kugqame ngesikhathi kugujwa inyanga yentsha emcimbini kamasipala obuseMganwini kwaHlabisa nokuyilapho intsha ibihlelelwe imidlalo eyahlukene, nanokucijwa kwezamabhizinisi.

UMeya uComfort Khumalo uthe kubalulekile ukuthi intsha ibukele kubantu abafana noMbokazi ongowokuzalwa khona kwaHlabisa ngaphansi kwaseHluhluwe.

Uthe uMbokazi naye ubekhula kuyo le ndawo kodwa wazimisela futhi akangazihlanganisa nezinto zobugebengu ebezingagcina zidicilela phansi igama nekusasa lakhe eseliqhakazile manje.

“Siyakugqugquzela ukuba intsha ingene kwezemidlalo ukuze silokhu sikhiqize abanye o-TLB Mbokazi esiziqhenyayo ngabo. Okubalulekile ukuthi ezemidlalo azikugcini nje uphila kahle kodwa ziyakuqhelisa ezintweni ezifana nezidakamizwa nobugebengu okuyizinto ezibayinkinga entsheni eningi yakithi nesifuna ingasondeli nhlobo kuzo,” kusho ukhumalo.

Uqhube wathi ngaphandle nje kokuthi ezemidlalo zikwenza uphile kahle kodwa kwabanye ziba isiphiwo esigcina sibafakela imali njengoba kwenzeka kuTLB.

Lo mdlalo ubedlalela iqembu le lakuleli i-Orlando Pirate nokuthe ngemumva kwalokho ngonyaka owedlule wathengwa iqembu lakhona eMelika okuyiChicago Fire FC ngemali ebalelwa ku-$3 million nokuthi uma uyiguqula ngamarandi kube imali engu-R51 million.

UKhumalo uthe kungakho kubalulekile ukuba intsha iwathathe amathuba akwezemidlalo ukuze ibenekusassa engeke izisole ngalo.

Kulo mcimbi intsha ebigijima ngokuqhudelana ibuye yaklonyeliswa ngezindondo kanye nemali ebisuka ku-R1 500.

Abanye bahlomule ngezinsiza zokuqala amabhizinisi okubalwa amabhodwe, imishini eyahlukene nokunye ukuze bathuthukise amabhizinisi abo labo asebevele benawo.

UKhumalo uthe abanye babahlomulise ngokubenzela izincwadi zokushayela ukuze babenezinto abahlome ngazo uma befuna umsebenzi.

Izihloko zakamuva