Intombi yoMhlanga ihlanyise abantu ithweswa iziqu zePhD e-UKZN

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

UNtombifuthi Ngubane ohamba uMhlanga ube undabamlonyeni emcimbini wokuthweswa iziqu eNyuvesi yaKwaZulu-Natal ngoLwesine ngesikhathi eklonyeliswa ngeziqu zobuDokotela wePhilosophy (PhD).

Ukugiya kukaNgubane komdanso wesintu kwenze kwaba nenjabulo emcimbini wokuthweswa kweziqu.

UNgubane ubengomunye wezinkulungwane zezintombi ebezihambele umcimbi wokugubha iminyaka engu-40 kwasungulwa uMkhosi woMhlanga, obuseGodlweni saseNyokeni KwaNongoma ngempelasonto.

Kulo mcimbi izintombi zithole izibusiso kwiSilo uMisuzulu kaZwelithini. Kwabaningi, bekuyisikhathi sabo sokugcina ukuhambela uMkhosi woMhlanga ngaphambi kokudlulela esigabeni esisha sempilo yabo, okuhlanganisa nomshado.

Okhulumela i-UKZN uNorma Zondo uthe babalelwa ku-1 500 abafundi abathole iziqu zabo emcimbini wokuthweswa kweziqu entwasahlobo ngomhlaka-18 no-19 kuMandulo.

Phakathi kwabafundi abagqamile abathweswe iziqu kukhona uMikyle David oneminyaka engu-26 ubudala othole i-PhD, omncane kunabo bonke oneziqu zobudokotela, kanye noDeborah Masipa, othole iBachelor of Law.

U-Anele Mazibuko oneminyaka engu-21 ubudala, uhlomule ngeziqu zeBachelor of Arts (Cultural and Heritage Tourism).

I-UKZN iyaziwa ngokwamukela amasiko ahlukene, okuvumela abafundi ukuthi bagubhe amasiko abo ngendlela yabo.

Esithombeni esingenhla: Intombi ehamba uMhlanga uNtombifuthi Ngubane, ogiye emcimbini wokuthweswa iziqu wase-UKZN.

Umthombo: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva