INkosi yabaThembu itshele isizwe sabaThembu ukuthi sivotele i-EFF ngosuku lokuvotela ohulumeni bendawo

Zukile Majova

INkosi yabaThembu uBuyelekhaya Dalindyebo usecele isizwe sabaThembu ukuthi sivotele i-EFF ngemuva kokuthi umholi wayo uJulius Malema ethembise ukumthengela imoto – kodwa abavoti baseMthatha e-Eastern Cape abathokozile neze.

Isinqumo sakhe sokusekela i-EFF siqinisekisa isikhundla sakhe kwezepolitiki njengentethe yasebukhosini baseMzansi, okwazile ukuba yingxenye nawo wonke amaqembu amathathu aphezulu eNingizimu Afrika.

Ekuqaleni kwentando yeningi, wayengumlandeli oyisishoshovu we-ANC, kwaze kwaba uhulumeni we-ANC wenqaba ukugxambukela ekushushisweni kwakhe nokugwetshwa iminyaka eyi-15 ebhadla ejele ngamacala okushaya, ukushisa, ukuthumba kanye nokwehlula ubulungiswa ngonyaka wezi-2015.

Ngobusuku bangaphambi kokhetho lukazwelonke lwangongonyaka wezi-2014, wavulela i-Democratic Alliance (i-DA) kaHelen Zille isifuba ngethemba lokubuyisa nokuvikela isithunzi sakhe.

NgeSonto, utshele isixuku eMandela Park eMthatha ukuthi sivotele i-EFF, ememezela ukuthi “Wonke amalungu esizwe sabaThembu afuna ukuphila ngokunethezeka azovotela i-EFF.

“Ngifuna nazi ukuthi njengoba nazi ukuthi iNkosi akumele ivote, kodwa kulokhu iNkosi izivota kazi futhi izovotela bani?” ebhekise kwisixuku, saphendula ngesasasa elithi “EFF!”

Uthe umphathi we-EFF uthembise ukumthengela i-Mercedes ML, “imoto entsha sha elungele iNkosi.”

Kodwa abahlali  baseMthatha batshele i-Scroll.Africa ukuthi iNkosi yenza ihaba ngokuthandwa kwayo uma icabanga ukuthi abantu bomuzi kaNelson Mandela bazoyilaxaza i-ANC baye ku-EFF ngenxa ye-Mercedes. 

“Inkinga ngeNkosi ukuthi ayinamgogodla futhi ilokhu isithatha isihambisa yonke indawo. Nguye yedwa okumele avotele i-EFF bese sikhetha iqembu esilithandayo thina,” kusho umhlali uNtombothando Mabhulu.

Khonamanjalo, uVuyokazi Mncameni uthe: “Ngeke ngikwenze lokho. Uyena ozothola imoto. Mina bangenzelani?”

Umasipala iKing Sabatha Dalindyebo, ophethe indawo yedolobha elalaziwa nge-Transkei, uyisizinda esikhulu se-ANC njengoba iqembu elibusayo lithole amavoti angaphezu kwangama-63% okhethweni lohulumeni bendawo lwangonyaka wezi-2016.

Kulolo khetho i-UDM yathola  amaphesenti angama-21.8, i-DA yathola amaphesenti angu-4.5 kwathi i-EFF eyayisanda kusungulwa yathola amaphesenti angu-4.3.

Izihloko zakamuva