Injabulo ephasa ngamalengiso kumatikuletsheni 

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Ngesikhathi eshonelwa ngumama wakhe ngosuku lukaKhisimusi ngo-2018, u-Elizabeth Moloko ukhule kanzima kangangokuthi wacabanga ukuthi umhlaba umvalele.

Kodwa intombazanyana ezimisele yasesikoleni samabanga aphezulu e-Diepsloot No. 3 ibhekane ngqo nezinkinga zomhlaba yaphinde yazimisela esikoleni ngoba ifisa ikusasa eliqhakazile.

Ukuzimisela nokusebenza kanzima kwakhe kube nezithelo ezinhle njengoba ethole o-distinctions abayisithupha kwimphumela kamatikuletsheni ezifundweni eziyisikhombisa abezenza nyakenye. 

U-Elizabeth obengumfundi ohambe phambili kwi-History kubafundi bonke bakuleli abebebhale lesi sifundo  ezivivinyweni zikamatikuletsheni nyakenye, uthole u-100% esifundweni ngenxa yalokho, unikezwe isitifiketi sokwenza kahle nguNgqongqoshe wezeMfundo e-Gauteng uMatome Chiloane.

Manje usezofundela umsebenzi wamaphupho akhe. “Ngifuna ukuba ummeli,” etshela i-Scrollla.Africa.

“Angifuni ukuvikela izigebengu, kodwa ngifuna ukunika ithuba abantu abampofu abangakwazi ukukhokhela abammeli ababizayo uma befuna ubulungiswa.

“Sinabantu abaningi kuleli abangakwazi ukuthola ubulungiswa emacaleni abawabhalise ezikhulwini ngenxa yokuthi bebengenayo imali yokukhokhela ummeli.

“Inhliziyo yami ibuhlungu ukubona izisulu zingabutholi ubulungiswa emphakathini. Ngiyafuna ukusiza abantu abanjalo,” kusho yena.

I-Scrolla.Africa sivakashele u-Elizabeth kubo e-Diepsloot extension 3 okuyilapho abechitha khona ubusuku nezinsuku efunda. Igumbi linekhadibhodi eligcwele izincwadi kanye nemibhede emibili, omunye ngowakhe omunye okadadewabo omncane.

Maqondana negumbi lakhe kuhlala  ubabekazi wakhe omgadile kusukela kwashona unina. “Igumbi lami leli ngilala lapha nodadewethu omncane,” kusho yena.

Esikhathini esiningi bekudingeka alinde udadewabo omncane ukuba alale ngaphambi kokuba agxile ezifundweni zakhe. Ngezinye izikhathi bengikhetha ukuya esikoleni ukuze ngiyofunda nabanye abafundi.”

Uthe ukufunda esikoleni ebusuku kuyingozi njengoba kwesinye isikhathi ukucishwa kukagesi kwenzeka noma inini bese kubamnyama emgwaqeni uma sekumele agoduke.

“Ebumnyameni umuntu akazi ukuthi ubehlangana nobani emigwaqeni kungaba izigebengu eziyingozi.” I-Diepsloot ingenye yezindawo eziyingozi kakhulu ezweni, ezinobugebengu ngezinga eliphezulu.

U-Elizabeth uthe ngaphandle kwazo zonke izinselelo ukwazile ukuzibamba wafaka umfutho emsebenzini wakhe wesikole.

UMnyango wezeMfundo usumnike umfundaze ukuze aqhubeke nokufunda. “Ngijabule ngaleli thuba elihle kangaka. “

Izinselelo zakhe manje ukuthola i-Laptop, nomakhalekhukhwini, ne-router ye-wifi futhi unxuse noma ngubani onenhliziyo enomusa ukuthi amsize.

Osesithombeni esingenhla: U-Elizabeth Moloko

Umthombo wesithombe: Everson Luhanga

Izihloko zakamuva