Injabulo eMelika

Amadolobha amakhulu aseMelika angene ezitaladini ngoMgqibelo ejabula ngokuphela kobumengameli bukaDonald Trump.

Abafundi bezindaba behle izinyembezi kumabonakude ngemuva kokuqinisekiswa ukuthi uJoe Biden uhlule uTrump.

UMengameli uBiden uthe “lesi isikhathi sokuthi iMelika ihlangane”.

UDonald Trump uvele wayodlala igalofu, ethembisa ukuqhubeka nokulwa nokhetho enkantolo ngoMsombuluko.

Ngenkathi amadolobha amakhulu engameseki uTrump, izingxenye ezinkulu zasemaphandleni aseMelika zona ziyaqhubeka ziyameseka uTrump othole amavoti angaphezu kwezigidi ezingama-70.

Kodwa njengoba kusabalwa amavoti, uBiden uyena osathole amavoti aminingi kakhulu abalelwa kwizigidi ezingama-75 emlandweni waseMelika kuze kube manje.

Izihloko zakamuva