Umqeqeshi weReal Madrid uZinedine Zidane angazithola esethungatha ikhaya elisha kusenesikhathi njengoba bekulindelekile, kulandela ukungadlali kahle kweqembu lakhe emkhankasweni we-UEFA Champions League wezi-2020/21.
Ukuhlulwa kweMadrid ngamabili eqandeni behlulwa iSharkhtar Donetsk izolo ebusuku kubeke umeluleki wase-France ngaphansi kwengcindezi enkulu. Kuyaziwa ukuthi ibhodi leMadrid lithanda ukuwina indebe ye-Champions League ngaphezu kwanoma yini enye.
Sebewunqobe amahlandla ayi-13. Alikho elinye iqembu eYurophu elisondele kakhulu. IMadrid, nokho, inethuba elilodwa lokuzisindisa ekubeni inhlekisa kule sizini.
Basenomdlalo owodwa wokugcina abazowudlala ku-Group B lapho bezobe bebhekene khona nabaholi, iqembu lase-German iBorussia Mönchengladbach, e-Estadio Alfredo Di Stefano ngoLwesithathu oluzayo. ILos Blancos isendaweni yesithathu kuleli qembu futhi bangemuva kweM’gladbach ngephuzu elilodwa.
Amaphuzu amaningi futhi akukho okungaphansi okuzodingeka kuZidane. Ukwehluleka kungaholela ekutheni iLos Blancos ikhishwe emncintiswaneni kumaqoqo. Lokho kungenza ukuthi uZidane, oqophe umlando kulo mqhudelwano ngokuwunqoba amasizini amathathu elandelana (ngowezi-2015/16, 2016/17 nangowezi-2017/18), exoshwa e-Santiago Bernabeu.
Emidlalweni emihlanu iMadrid esayidlalile kuze kube manje isanqobe emibili, yadlala ngokulingana kowodwa yahlulwa kwemibili yiqembu elilodwa (iSharkhtar) ekhaya nasekuhambeni. Izinto zikude kakhulu nokuhamba ngoseyili ohlangothini lwasekhaya futhi.
Basalele emuva ngamaphuzu ayisikhombisa ngemuva kwabaholi bamanje be-Spain La Liga iReal Sociedad. UZidane neqembu lakhe basendaweni yesine ngamaphuzu ayi-17 emidlalweni eyishumi.
Emuva ne-Champions League, ompetha abavikela iBaryen Munich, iLiverpool neManchester City babe nezikhathi zokuqala emidlalweni yangayizolo yokuhlungela ukungena kowamanqamu.
Eminye imiphumela yayzolo ebusuku:
IAtletico Madrid 1-1 Bayern Munich; IBorussia M’gladbach 2-3 Inter Milan; I-FC Porto 0-0 iManchester City; ILiverpool 1-0 Ajax Amsterdam; I-Atalanta 1-1 Midtjylland; I-Olympique Marseille 2-1 i-Olympiakos Piraeus; ILokomotive Moskva 1-3 Salzburg.