Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Umculi wodumo wase-Malawi uGiddes Chalamanda (93) usakwazi ukujabulisa abalandeli bakhe ngomculo wakhe omnandi.
UChalamanda odume ngelika-Agide okuyigama elikhombisa inhlonipho kumuntu omdala liphinde libe isifinyezo segama lakhe, useneminyaka engu-75 esendimeni yomculo.
Waqala ukwenza umculo eneminyaka engu-12 ubudala, kodwa kudingeke alinde iminyaka engu-90 ukuze athole impumelelo ngengoma eshisa izikhotha ethi “Linny”.
NgeSonto, uGiddes ugubhe usuku lwakhe lokuzalwa lweminyaka engu-93 ngokuthola imiyalezo eminingi ebivela kubangani bakhe, abalandeli, nabanye osaziwayo kulo mkhakha.
Uqophe ingoma eshisa izikhotha emhlabeni wonke ethi “Linny” ngesikhathi eneminyaka engu-70 ubudala. Ingoma, i-mashup enomculi osemusha uPatience Namadingo idume ku-TikTok ngonyaka odlule, yazuza ukuthandwa kakhulu izigidi zabantu.
Leli culo liphinde lazuzisa uChalamanda ithuba lokuhamba enandisa ngomculo wakhe kulo lonke elase-Malawi nakwamanye amazwe aseNingizimu ne-Afrika, okubalwa kuwo elakuleli, i-Zambia, ne-Mozambique.
Uke wahambela elakuleli ngonyaka odlule wajabulisa abalandeli baseKapa naseGoli njengoba wayebhukhelwe ukuthi acule khona.
Ngemuva kokuzuza izinga elithile lodumo nengcebo ekugcineni ufeze iphupho lakhe.
Engomeni yakhe i-“Linny”, ucula athi “If I only had money, I would travel to America” muva nje ukwazile ukwenza lokho!
Abaculi bakuleli, Philippines, nase-Canada balenze kabusha leli culo okuthiwa likhuluma nemiphefumulo yabantu abalilalelayo.
I-“Linny” iqanjwe ngendodakazi yakhe ayincoma engomeni ngokuba indodakazi enothando nelalelayo.
Ngosuku lwakhe lokuzalwa ehlanganisa iminyaka engu-92, uChalamanda nendodakazi yakhe uLinny bebeyizimenywa ezihlonishwayo e-Malawi State House, kanti bamenywe nguMengameli wezwe uLazarus Chakwera enkabeni yedolobha i-Lilongwe. UMengameli unikeze le ngqalabutho yomculo indondo kanye nesipho sosuku lokuzalwa.
UChalamanda uphinde wahlonishwa ngendondo ye-Lifetime Achievement ku-Maso Awards ngoLwezi nyakenye.
Osesithombeni esingenhla: UGiddes Chalamanda.
Umthombo wesithombe: Malawi24