Ingadi yemifino iletha ithemba kwabangenamakhaya

Ngenkathi izwe likumvalelo onzima ngenxa ye-Covid-19 ngoMbasa, uMasipala weTheku wakha izindawo zokuhlala zesikhashana ezazungeza idolobha.

Lezi zindawo zokuhlala bezizokwanela abantu abangaphezu kwezinkulungwane abangenamakhaya ababezulazula edolobheni – kubandakanya nalabo ababengasakwazi ukukhokha irenti futhi bengasakwazi nokuzondla.

I-EWN ibike ukuthi, ngesikhathi bekhala ngesithukuthezi ngoNhlangulana, iDolobha labanikeza imbewu kanye nesiqephu sendawo ukuqala ingadi yemifino enkabeni yedolobha.

Emuva kwezinyanga ezintathu nje, sebenebhizinisi lokuthengisa imifino abayikhulisile.

Ividiyo: @ewnreporter

Izihloko zakamuva