Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Owesilisa oneminyaka engu-21 ubudala kuthiwa ubulale unina, wamthela nge-acid, maqede waphakela izinja ezinye isicubu zomzimba wakhe ngoMgqibelo ngaseMthatha.
Umakhelwane ongathandanga ukudalulwa ngenxa yophenyo oluqhubekayo, uthe umama wamfonela ngevidiyo ngesikhathi ehlaselwa, ekhombisa indodana yakhe imshaya.
Ucingo luvele lwanqamuka, futhi umakhelwane akaphindanga ezwe kowesifazane ngalobo busuku.
Ngesikhathi umakhelwane engezwa lutho ngaye ngeSonto, wakhathazeka wabikela umphakathi ngoMsombuluko.
Umphakathi ubuze indodana yakhe, yalivuma icala.
“Uthe umshaye waze washona, wasika isidumbu, wasibeka kumatilasi ngaphambi kokusithela nge-acid wabe esesishisa,” kusho umakhelwane.
Owesifazane uthe ubone umlilo omkhulu ngemuva kwendlu yowesifazane oshonile ngoMgqibelo ebusuku, manje uyakholelwa ngempela ukuthi indodana ishisa isidumbu sikanina.
Indodana kuthiwa itshele omakhelwane ukuthi isibhekile isidumbu sakhe ukuthi sishile yini ngokuphelele. Uthole inyama namathambo esele, wapha izinja inyama, wagqiba amathambo.
Okhulumela amaphoyisa uWarrant Officer Majola Nkohli ukuqinisekisile ukuthi indodana iboshwe ngoMsombuluko.
“Amaphoyisa abizelwe endaweni yesigameko sokubulala eMarhambeni, ngaseMthatha. Endaweni yesigameko afice isidumbu sowesifazane sishile kudoti ngaphandle kwendawo okukholakala ukuthi ngeyakhe.”
UNkohli uthe amaphoyisa ayaphenya, umsolwa kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseMthatha khona maduze nje.
Isithombe esingenhla: Amalambu amaphoyisa.
Umthombo: Ifayela