INingizimu Afrika isishintshe amagiya omvalelo ezingeni lesithathu.
Kepha emazweni amaningi kunokungaqiniseki okukhona njengoba uhulumeni ephakathi kwentambo yokusindisa umnotho nokulawula igciwane.
Umengameli uRamaphosa usexwayise ukuthi imithethonqubo ilula, kepha ubungozi bukhulu. “Emavikini azayo, kufanele silindele ukunyuka kwesibalo sabantu abazotheleleka ngegciwane,” usho kanje ngeSonto.
URamaphosa uvumile ukuthi ososayensi baxwayise ikhabhinethi ukuthi yehlise umvalelo uye ezingeni lokuqala njengoba umvalelo usufana nethuluzi elibuthuntu.
Izikole bezizovulwa ngoMsombuluko kodwa eziningi bezingakulungele ukuvula. Ngemuva kwemibhikisho evela kwizinyunyana zothisha, nokwesaba okuvela kwabanye abazali bethi kusheshe kakhulu ukuthi kuvulwe izikole, uNgqongqoshe uAngie Motshekga ukuhlehlisele ukuvulwa kwezikole mhla ziyisishiyagalombili kuNhlangulana.