Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Usotswebhu weqembu uMkhonto weSizwe Party KwaZulu-Natal usukhwele wadilika kuNdunakulu kaZulu, uMfundisi uThulasizwe Buthelezi omsola ngokuphendula iNdlunkulu neSilo ihlaya emphakathini ngokuziphatha kwakhe.
UMnuz Bonginkosi Mngadi weMKP nonguSotswebhu omkhulu weqembu eSishayamthetho ukhiphe isitatimende kwabezindaba ehlasela uButhelezi ngesigameko sangoLwesihlanu ntambama sokumemezela ukuxoshwa kukaShansela weSilo okuyiNkosi uMalusi Zondi nokuphenduke impicabadala ngenxa yezitatimende ezigcine zishayisana,kanti iNgonyama isiphikile lesi sinqumo.
UMngadi uthe kuyishwa ukuthi isihlalo sikaZulu sesiphenduke ihlazo ngenxa yesenzo sikaButhelezi abamsola ngokufaka ipolitiki nalapho kungafanele khona.
“Esikubukayo njenge-MKP ubungozi obenziwa uButhelezi bokusebenzisa izikhundla zakhe kupolitiki kaHulumeni ukuxova iNdlunkulu kaZulu ukuze akwazi ukulwa izimpi zakhe . Lokhu kuyingozi embi esihlalweni nasebukhosini bonkana njengoba ebuthela ngehlazo ngezinto azenzayo,,” kusho uMngadi
Uqhuba uthi isigameko sakamumva, sithele iSilo nendlunkulu yonkana ngehlazo elingachazeki futhi elifikisana ngamahloni emphakathini.
UMngadi ubesho lokhu mayelana nezitatimende ezishiye uZulu wonkana udideke uphelile abanye bebambe ongezansi ngesikhathi lapho uNdunakulu kaZulu ememezela ukuvalwa kwehhovisi lezindaba zeSilo kanye nokuxoshwa kukaZondi.
Kuthe kusenjalo, uZondi naye wavela kwinkulumo eqoshiwe etshela isizwe ukuthi iSilo sesimtshelile ocingweni ukuthi amanga aluhlaza ukuthi sesimxoshile.
NoNdamase wehhovisi le Silo naye utshele abezindaba ukuthi iNgonyama ithuke yoma ididwa ukuthi isimxosha manini njengoba bebebonke emizuzweni engemingaki emhlanganweni obuseMhlanga obunezikhulu zakwaStandard Bank.
Akugcinanga lapho kodwa noMkhulumeli weNdlulamithi okunguMntwana uThulani umemezele oKhozini fm kubaSikibeBunda ukuthi iSilo sesibaxoshile oNdamase noZondi.
IScrolla.Africa sizamile ukuxhumana noButhelezi samthumelela nesitatimende sikaMngadi ukuze aphawule kodwa kushaye isikhathi sokushicilela engakabuyi entathelini.
