Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
UNwabisa Somdaka uthi umndeni wakhe usebenzisa u-R190 ngesonto ukuthenga upharafini kanti ucindezelwa ukuthi ukhokhe u-R300 kagesi abangakwazi ukuwuthola.
Ikhansela laku-ward 80, uLindokhaya Payiya, uthi ubengazi ukuthi izakhamizi ziyakhokhiswa, uthi kuhlelwe ukuthi kube nesiteshi esisha kule ndawo.
Imindeni esemijondolo yakwaRamaphosa ePhilippi ibingenawo ugesi kusukela ngomhlaka-10 kuNhlaba ka-2026.
I-transformer abebeyixhumile kuyo ngokungemthetho yaqhuma yabashiya ebumnyameni. Manje indoda ebaxhumelayo ifuna bakhokhe u-R300 ngaphambili ngaphambi kokuthi kufakwe i-transformer entsha.
UNwabisa Somdaka uthe owesilisa utshele izakhamizi ukuthi i-transformer izoshintshwa maduzane, kodwa kudingeka imali.
Uthe i-transformer izoshintshwa maduze nje,” usho kanje.
“Singabazali abathembele emalini yesibonelelo sezingane zethu. Sithenga upharafini isonto lonke, sikhokha u-R190 ngesonto, ngaphezu kwalokho ufuna sikhokhe u-R300 nyanga zonke.”
UZukisani Mjindi ophila ngemisebenzi emincane ayitholayo uthe akakwazi ukuyikhokhela.
“Imali engiyithola ayanele, ngeke ngikwazi ukukhokha u-R300 awucelayo ngoba ngidinga nokuthenga ukudla nopharafini,” kusho uMjindi.
Uthe abahlali babuze ukuthi kuzokwenzekani uma bekhokha bese u-Eskom esefaka i-protected transformer. Lomuntu ubatshele ukuthi ngeke sivikelwe futhi sizothola indlela yokuxhuma ngokungemthetho kungakhathalekile.
Isakhamuzi esicele ukungadalulwa, sithe ingaphezu kuka-50 imizi ekhokhiswayo. Ngo-R300 iyinye, lokho kungaphezu kuka-R16,500 ngenyanga engena ephaketheni.
I-Scroll.Africa inowesilisa oqoshiwe etshela izakhamuzi ukuthi zilindele i-transformer entsha. Erekhodini utshela abakhokhile ukuthi benze kahle, aphinde axwayise abangakhokhanga ukuthi ngeke bawuthole ugesi uma isilungisiwe i-transformer.
Ezinye izakhamuzi zaboleka imali yokukhokha. Abanye baxwayiswe ngokuthi uma bezama ukuthola omunye umuntu ohlukile lona uzosika izintambo zabo.
Ikhansela laku-ward 80, uMnuz Lindokhaya Payiya, lithe belingazi ukuthi izakhamuzi ziyakhokhiswa.
“Engingakusho manje wukuthi kuzoba nesiteshi esincane esizokwakhiwa eduze nendawo yakwaRamaphosa, ngemuva kwalokho ugesi uzohanjiswa kubahlali ,” kusho uPayiya.
U-Eskom ubengakaphenduli esicelweni sokuthi aphawule ngesikhathi sokushicilela.
Esithombeni esingenhla: Izindlela ezihlukanisa phakathi kwemijondolo yakwaRamaphosa, ePhilippi, lapho izakhamuzi bezingenawo ugesi kusukela ngomhlaka-10 kuNhlaba ka-2026.
Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze
