Dylan Bettencourt
Ukubhebhetheka kwe-Covid-19 e-Australia kudale ukungabaza kokuthi imidlalo ye-Rugby Championship ingaqhubeka yini njengoba bekuhleliwe.
Njengoba kunokubhebhetheka kwegciwane e-Australia, izwe elingumakhelwane, i-New Zealand, lisanda kumemezela umvalelo ezweni lonke, kulandela ukunyuka kokubhebhetheka kwe-Covid-19.
Umdlalo phakathi kwe-Wallabies ne-All Blacks ubuhlelelwe isonto elizayo, ngomhla zingama-28 kuNcwaba, kodwa lowo mdlalo ubukeka ungezukuba khona. Ukwenyuka kokubhebhetheka kwe-Covid-19 eNtshonalanga ye-Australia kuphoqe uhulumeni wasekhaya ukuthi amemezele ukuthi bonke abahambi abavela e-New Zealand kumele bazihlukanise izinsuku ezi-14.
I-All Blacks ithole ama-try ayisishiyagalombili ngempelasonto edlula idlala neqembu lombhoxo lase-Australia yephula irekhodi ngo-57-22. U-Ian Foster neqembu lakhe lase-New Zealand bazohambela e-Perth kuleli Sonto ngale kwezinkomba zokuthi umdlalo wabo ne-Wallabies ngempelasonto ezayo uzoqhubeka yini njengoba bekuhleliwe.
UMark McGowan, uNdunankulu wase-West Australia, uthe akanasiqiniseko sokuthi umdlalo wangesonto elizayo uzoqhubeka yini.
“Asinasiqiniseko. Mhlawumbe kuzofanele sihlele ngandlela thile, noma kungahle kube ne-bubble, noma nje kufanele sihambisane nemithetho ekhona kubo bonke abantu. Kuyisimo esidlulayo, futhi kungadumaza abalandeli bebhola lombhoxo uma siphoqeleka ukuthi siwuhoxise umdlalo, kodwa lokho kuyisimo somhlaba esiphila kuwo,” esho.
AmaBhokobhoko, nawo ancintisana ku-Rugby Championship, azohambela e-Australia ngemuva komdlalo wabo wesibili ne-Argentina kule mpelasonto e-Gqeberha.
Ekhuluma ngoLwesibili, umqeqeshi oyinhloko wamaBhokobhoko, uJacques Nienaber, uthe isikwati sakhe kanjalo nabase-Argentina bazondiza ngohlelo lwe-bubble ukusuka e-Gqeberha ukuya eKapa. Ukusuka lapho, bazoya e-Australia “nge-aero-bubble”.
Iqembu lebhola lombhoxo laseNingizimu Afrika lihlule i-Argentina ngo 32-12 emdlalweni obubanjwe ngempelasonto edlule kanti kuhlelwe ukuthi baphinde babhekane futhi kule mpelasonto ngehora lesihlanu ntambama ngoMgqibelo.
Umthombo wesithombe: @RugbyWorld