Imeya entsha yaseTshwane yethule uhlelo lokusebenza lwezinsuku ezingu-100 

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

UDkt Nasiphi Moya, oyimeya esanda kukhethwa eTshwane, wethule uhlelo lwakhe lwezinsuku ezingu-100 lokuthuthukisa isimo sezimali sikamasipala.

Ekhuluma ngoLwesithathu, uthe lolu hlelo luzosebenza njengesisekelo soshintsho olubalulekile ekupheleni kukaMasingana.

UMoya udalule isimo esibi sezimali zikamasipala, owathathwe kwi-DA ebibambisene namanye amaqembu, nosekuvimbe ukuhlinzekwa kwezidingongqangi.  

Uqokwe njengemeya ngomhlaka-9 kuMfumfu ngemuva kokuthi lowo obephethe, uCilliers Brink, ekhishwe esikhundleni ngesiphakamiso sokungathenjwa kobuholi bakhe emkhandlwini yi-ANC.

“Isabelomali sedolobha besinemali encane iminyaka eminingi,” kusho yena. “Manje asinayo imali eyanele yokubhekana nezindleko, okuhlanganisa nokuhlinzekwa kwezidingongqangi kanye nokutshalwa kwezimali.  

“Kumanje sihlezi esikweletini esingaphezu kuka-R11 billion, sikweleta u-Eskom u-R6.76-billion kanti imali ekweletwa idolobha yilabo abangakhokhule ifinyelela ku-R28.3-billion.

“Isidingo sokutshalwa kwezimali kule minyaka eyishumi ezayo singaphezu kuka-R65-billion kanti isabelomali sedolobha sonyaka singu-R2.3-billion kuphela. Ngokwezinga lamanje lokutshalwa kwezimali kuzothatha iminyaka engu-36 ukuthi idolobha lifinyelele kwizidingo zeminyaka eyishumi,” kusho yena. 

UMoya wengeze ngokuthi ukungatshalwa kwezimali kwedolobha ekulungiseni ingqalasizinda yalo sekwenze ingqalasizinda yaguga yakhahlamezela okuholela ekutheni kunciphe ugesi kanye namanzi masonto onke.

“Asikwazi ukuphendula ekulethweni kwezidingo ngesikhathi esibekiwe ngezicelo ezivulelekile ezingaphezu kuka-23,000 ekupheleni kukaMandulo.

Ezindaweni lapho kuqalwa khona amaphrojekthi amakhulu, abaningi basilele ngemuva kwesikhathi. Amaphrojekthi angu-193 onyaka wezimali zika-2024-25, angu-31% kuphela afinyelele kwikota lokuqala ekupheleni kukaMandulo,” kusho yena.

UMoya uthe bayalusebenzisa uhlelo lokubuyiswa kwezimali olwamukelwa umkhandlu njengengxenye yohlelo lwesigungu esisha sokuguqula isimo sikamasipala.

I-Tshwane iphinde yathuthukisa ukuqoqwa kwemali engenayo ngokusebenzisa izindlela zokukhokha ezithuthukisiwe kanye nokukhushulwa kokuqoqwa kwemali engenayo.

Uthe umasipala omkhulu uzobeka eqhulwini ukuvuselelwa komnotho nokuthuthukiswa kwengqalasizinda, kugxilwe kwezamandla, amanzi nemigwaqo, ukulethwa kwezidingongqangi ngokulingana kanye nokugcina idolobha lihlanzekile. 

Kuzophinde kugxilwe ekugcinweni kwemithetho kamasipala, ukuvuselelwa kabusha kwedolobha, kanye nokuxoxisana nomphakathi ngokuyisa uhulumeni kubantu. 

Esithombeni esingenhla: IMeya yaseTshwane uDkt Nasiphi Moya

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva